Izimila Zokufika

Izimila noma izihlahla zokufika kuthiwa ezokufika ngoba ezakwamanye amazwe ngaphandle kweNingizimu Afrika. Ezinye kuthiwa zafika nabasuke bevakashele kwamanye amazwe ngokuthi zinamathele ezimpahleni zabo zokugqoka. Kokunye zifika nezinyoni ngokushintsha kwezikhathi zonyaka (ikwindla, ihlobo, ubusika nentwasahlobo). Akudingi ukuthi zitshalwe lapho siwele khona siyazimilela. Lezihlahla zidla kakhulu amanzi futhi uma kukhona okunye okumilile eceleni kwaso kuyafa kumile sona … Read more

Izibongo zakwaNdlela

Gwabini wemikhonto, UNonjiyela kulala uhlangothi lubomvu, UManxeb’ angamanxulama, UNsingiza edond’ ukusuka, Umagaju njengengwe, Inhlang’ eyeq’ iphindelela, Kwasa bemhlaba uGwabini waphika, Unababuyel’ abangakanani, Ababuyel’ umunt’ enza ngabomu OSonyakanyaka, UManyakanyak’ oduke namaphela,USilinda maNdwandwe, AmaNdwandw’ akhawul’ amatheUMwelela kweliphesheya, UMwel’ iwele yonk intontela,UMzac’ okhomb’ amaNgwane, USiquz’ abantu koGwabini,Kuse wasala uNdlela, Yath’ imp’ ibuya,Kwasa wasala uNdlela, UNakanaka ngiyasala, Umandlan’ angangowomntwana. … Read more

Isibongo sakwaShezi

Shezi Dlaba Dlaba kamavulane Owavul’ inkandla ivaliwe Dludl’ odl’ imihlambi yamadoda, Abadludlayo bayaceba, Udlab’ akadleli phansi,  Udle’ edlodlweni Abanye bedlela phansi. Izithakazelo zisuselwa esibongweni esithile njengoba nezibongo zisuselwa emagameni abantu. Izithakazelo ziwumlando wesibongo ngasinye. Kuyenze isithakazelo sifane nesibongo sakomunye umuzi lokhu kuchaza ubuhlobo. Abantu abahlobene abaganani.  English Summary Most African surnames have clan praises. Some … Read more

Indlela Ekuphilwa Ngayo Ezindaweni Zasemakhaya

Ukukhuliswa kwengane emphakathini noma endaweni kwakungabi umsebenzi wabazali baleyongane kuphela kodwa okwesigodi sonke. Obaba uma besebenza kude namakhaya babeshiya amakhosikazi nezingane ekhaya bahambe isikhathi eside, bekujwayeleke ukuthi babuye ngezikhathi zePhasika noma ngoKhisimusi noma uma kushoniwe ekhaya kwakuya ngokuthi usebenza kuphi. Isikhathi esiningi kwakuba ngomama ababevakashela obaba lapho babesebenza khona. Ubudlelwano phakathi kukababa nezingane babungekho ngenxa … Read more

Indlakudla

Indlakudla isiko elenzelwa umakoti noma umkhwenyana kulowomuzi umuntu asuke egane noma eganwe kuwo ukuthi usengadla yonke into esekhaya. Ngokwesintu kunezinto umakoti noma umkhwenyana abangazidli uma besanda ukushada njengamasi umakoti akawadli. Indlakudla yenzelwa abantu asebeganene noma asebeshadile hhayi abantu abaqomene nje kuphela. Ziningi izigaba zokuganiselana ezenziwayo ngokwesintu njengombondo owenziwa umakoti, umembeso owenziwa ngumkhwenyana njalonjalo. Lapha sizobheka … Read more

Impilo Yabantu baseFolweni

EFolweni indawo yasemakhaya kodwa eyakhelene nelokishi futhi iseduze komfula ohlukanisa lelilokishi nalendawo. IFolweni lakhelene lazungezwa Umlazi kaBB, iMbumbulu, kanye neAdams. Lena indawo ehluke kakhulu ngempilo yasedolobheni kepha ingaphansi kamasipala weTheku. Into enhle ngalendawo ukuthi abantu bakhona bafuyile, batshalile futhi bakhile. Ungaphika ukuthi isemakhaya ngendlela ekwakhiwe ngakhona Imizi yakhona mihle futhi yakhiwe kahle njengaselokishini abakhelene nalo. … Read more