UMaskandi

Umculo kaMaskandi udumile futhi uthandwa kakhulu eNingizimu Afrika, ikakhulukazi esifundazweni saKwaZulu-Natal. Lo mculo unomlando omkhulu ekungcebelekeni, ekuxoxeni ngezinto ezithinta abantu, kanti nokuqhuba usikompilo lwabantu base-Afrika, ikakhulukazi labo besizwe samaZulu. Zithanda ukubaningana izikhondlakhondla zomculo ezihleli endaweni ephakeme yomlando waseNingizimu Afrika wezobuciko ezazicula wona lo mculo kaMaskandi. Lapha kubalwa oBhekumuzi Luthuli, oMfaz’Omnyama noBusi Mhlongo. Izindaba ezimnandi ukuthi … Read more

Umculo Wokuqala Wabamnyama Othandwayo eThekwini

Ngasekuqaleni kweminyaka yama-1900’s umculo owawufanekisela ukukhonjwa amaVictorian akhuluma isiZulu wawungaconsi phansi. Yize empeleni wawusungulwe emculweni waseYurophu nowaseMelika, kwakungeyona nje indlela elingisa emnyama yesiko ledolobha elikhulu laseNtshonalanga. Umculo we-Afro-American kanye nezinsimbi zomculo, nezinye izinhlobo ezahlukahlukene zamahlaya omculo kanye namahlaya amnyama, kudlale indima ebalulekile ekuvikeleni ukungabandlululwa kwabamhlophe kanye nokucwasa ngokobuhlanga futhi lokho kwaba nomthelela ekuthuthukisweni komculo omnyama … Read more

UMadala Kunene

UMadala Kunene wazalelwa e-Cato Manor, eThekwini ngo-1951. Ungumkhiqizi weRekhodi, uMculi, uMculi, uGuitarist obizwa kakhulu njengeKing of Zulu isiginci. Uqale umsebenzi wakhe wezomculo eneminyaka eyisikhombisa. Enza isigingci sakhe sokuqala ngothayela kawoyela wokupheka kanye namathumbu ezinhlanzi ngentambo, kungekudala waba ngumculi odumile emalokishini. Wahamba kahle eminyakeni yama-70, kwathi ngeminyaka yama-90 wahlangana neqembu lomdanso iWoza Africa lapho abhala khona, … Read more

Gcwalisa Mabhida

Kulenyanga ka Nhlolanja indaba esematheni yindaba yase Moses Mabhida, lapho insizwa yakwa Mpungose ebizwa ngo Khuzani izobe ibambe inqophamlando womcimbi obizwa ngokuthi “Gcwalisa iMabhida” la okuzobe kukhona izinqwele zamaciko omculo wesintu. Lomcimbi ungundaba mlonyeni ebantwini njengoba kuyisenzo sokuqala lesi ukuthi umculi ka Maskandi ezobe ezama khona ukugcwalisa lenkundla la kuzobe kushiyelana khona amaqhawe alomculo inkundla. … Read more

Isicathamiya: Sebehlasele Umoya Wami

Sesike sabhala kaningani ngohlobo lobuciko ekuthiwa isicathamiya. Isicathamiya saduma kakhulu ngeqembu lo mculo elidume umhlaba wonke, iLadysmith Black Mambazo. Yize abanye bangaze basole sengathi loluhlobo lo mculo luthandwa abantu abadala kuphela, yiningi intsha ewuthandayo lo mculo. Lapha ngezansi sishicilele amaciko aholwa yintombi yakwaMacingwane, uZoliswa Mchunu. Amaciko lawa ahuba ingoma ethi: “Sebehlasele Umoya Wami”. Le ngoma … Read more

Loktion Boyz: Iqembu leGqom

Igqom uhlobo lo mculo olungaconseli phansi entsheni yaseNingizimu Afrika. Kanjalo-ke, igqom ithandwa futhi ikhiqizwa ibona abantu abasha. Abanandisi abanjengeqembu i-Distruction Boyz, uBusiswa noBabes Wodumo ngabanye abantu asebethole eningi impumelelo empilweni ngogubhu lwegqom. Kwazise phela ukuthi ugubhu lwegqomu luyingxenye yempilo emalokishini amaningi akuleli kulesi sikhathi samanje. Kuneqembu laseHammarsdale, eNyakatho-Ntshonalanga yendawo yomasipala weTheku, elizibiza nge-Loktion Boyz. Leli … Read more