Umshado Wesintu

Kuqala yayithwalwa intombi meyingathwalwanga bekuba omunye kubazalibayo ngokuhalela izinkomozalomnumzane nokuthanda umfana ngokuthi uyayishaya induku noma ulwa kakhulu mekunempi, noma omama bezixoxela bodwa ngingajabula intombi izogana lapha kwami usezoyishoke ukuthi ubonani kuyo usezoshoke ikhuthele ilinono mhlambe ukayibone ithwele umyaba omkhulu beyiphuma kotheza mhlawumbe ukayina ke ukuthi njalo iyasinda kubo iwakowasha ithi ingaqeda ibuyele kubo iyokwenza omunye … Read more

Isibaya

Indawo apho kulala khona izinkomo, ibizwa ngokuthi. Iyisakhiwo esenziwe ngezingodo KwaZulu sisetshenziswa ukugcina izinkomo. Isibaya sakhiwe maphakathi nomuzi. Izinkuni noma izingodo zokwakha isibaya ziyaqoqwa bese zihlanganiswa zenze isiyingi nesango. Isango libhekene nomnyango omkhulu womuzi ukuze abantu bakwazi ukufinyelela kalula esibayeni. Izinkomo zilala ngaphakathi esibayeni lapho lina futhi uma kubanda noma lina izinkomo zilala ngaphandle kwesibaya, … Read more

ILakshmi Pooja: Ukubaluleka kwentambo ebomvu kumaHindu

Ukubaluleka kwezintambo ezibomvu kumkhuba wamaHindu obizwa ngokuthi i-Lakshmi Pooja. Inyanga ka-August iletha uLwesihlanu olubaluleke kakhulu kumaHindu emhlabeni wonke. NgoLwesihlanu olunqunywayo ngo-August (olunqunywa ngokuncike enyangeni) ekhalendeni lamaHindu, amaHindu agcina uLakshmi Pooja enikelwe kunkulunkulukazi uMaha noma uMother Lakshmi kanye nosuku abopha ngalo intambo ebomvu ebonisa ukuzinikela kwabo kunkulunkulukazi. Ukubaluleka kobungulunkulu beLakshmi Ubunkulunkulu  beLakshmi buyingxenye ebalulekile yazo zonke … Read more

Umkhosi wamaHindu weHoli eThekwini

IHoli umkhosi wamaHindu noma umgubho ohlanganisa inhlanganisela yemibala kanye nokuzijabulisa futhi waziwa nangokuthi umkhosi wemibala, ugujwa minyaka yonke eThekwini. Yisikhathi lapho abesilisa nabesifazane, abasha nabadala behlangana, bapendane ngobunono futhi bejabule. Umkhosi weHoli ugujwa ngoMashi ngosuku olulandela inyanga ephelele (full moon) futhi ugujwa izinsuku ezimbili. EThekwini, iHoli igujwa usuku olulodwa futhi ngokuvamile kuba iSonto. Umgubho weHoli … Read more

Ubuhle bemvunulo

Lenyuke kakhulu izinga kubathungi benqephu yesintu noma imvunulo uma uyiqhathanisa nesikhathi sama-90s nokuqala kwama 2000s. Kule sisiqeshana sibheka izinga ekuthungeni kwemvunulo yesintu yabesifazane. Abathungi benqephu nemvunulo bashaya ngelicokeme esikhathini samanje. Uma usemncibhini wesintu kungaba umshado, umembeso, umhlonyane noma umemulo ufike ubona kahle izinga lobuhle imvunulo esebeyithunga ngakhona. Imvunulo yesintu yinhle ngokuhlalu noma ngabe ubufake kuphi … Read more

Ukuphekwa kwebele

Ibele leli, elamadoda njengawo umlenze lona odliwa esibayeni yibandla uma kuhlatshiwe. Kodwa ke umehluko ula: umlenze udliwa ngelanga elilandelayo emva kokuhlatshwa kwenkomo, udliwa yibadla esibayeni ngelanga lomcimbi kanti ke belu, ibele lona lidliwa ngelanga elandulele leli lomcimbi. Ibele lidliwa ngelanga lokulandwa kwezigqoko, okusho ukuthi lidliwa ngelanga okulandwa ngalo izigqoko ezisale ngelanga lomsebenzi. Omunye umehluko ukuthi … Read more