Umlando WakwaMzimela Nezithakazelo Zabo

Izithakazelo Mzimela! Mnguni! Lwandle olungawelwa Luwelwa zinkonjane zona ezindizela phezulu Mahlab’ angadli Ngoba udl’ umkhonto Mwelase! Ongaweli ngezibuko! Owela ngempambuse zomfula Umaginind’ umuntu ngomkhonto UDlubu lwahlutshwa ekhasini Gumede! Mbizeni! Ntaka! Sheleza! Mzungwanya, Dimbani; Donda kaMlimandlela Mfuyi wamatshe, Mnguni ! Mfeka Abasab’ amacokana Nzungane kaMagxega KaNtonga yethusi. Lwazi, Maconi AbaZimela ngentonga yethusi Abafokazana bezimelelela ngomhlanga Umlando wabo … Read more

Umlando Wezindawo Ezadliwa Ngabamhlophe Ngempi Yamakhanda

Impi Yamakhanda yaliwa njengoba kwaziwa ukuthi yaliwa izwe lonke laKwaZulu kodwa kwagcina kuwine amaNgisi lapho aqala ukuthi ashaye imithetho yawo. Babezidla izindawo zamanye amakhosi bazinike amanye bhusende njengendawo kaLubhudlungu kaFaku. Enye ayidabula ayinikeza abamhlophe ukuba bayenze amapulazi. Wagcina ebanjiwe uLubhudlungu waboshwa, wakhothamela ejele. Abanye esingababala abahlomula ngaleyondawo ngabakwaSibisi, abakwaSithole nabakwaNgobese. Indawo yakaGezahlale noma Hlazakazi yona … Read more

Umlando Wesibongo sakwaMabhida

UMabhida wayezalwa kwaMkhize. Kwakunensizwa yakwaMkhize egama linguDlebe. Yayakhe umuzi wayo eNgomankulu. Kodwa wenza okungajwayelekile okwayiholela ekutheni igcine isithole isibongo esisha. UMadlebe waganwa intombi yakwaMkhize naye enguMkhize, lokho kwamenza wangabamuhle ozalweni nasemphakathini. Lokhu kwenza ukuthi bamkhuze bethi, “Ayikhona Mkhize usubhide ekhaya.” Waqala kanjalo ukuba uMabhida. UMadlebe wazala umfana wamqamba igama wathi uStimela, okuwuyena uMabhida wesibili. Kuthiwa … Read more