Izinhlobo zemibhalo yokuziqambela

Imibhalo yokuziqambela phecelezi fictional stories ihlukahlukene, futhi iveza injongo ehlukile. Kanjalo kunemithetho nemigomo ekumelwe ilandelwe umbhali wendaba yokuziqambela ukuze indaba yakhe ibe nomqondo futhi yazeke ukuthi iyihlobo luni. Kulengosi-ke siveza ngezincazelo ezilula esizithole emaphepheni omnyango wezemfundo kazwelonke. Ngokwenza nje sihlose ukufundisa ababhali noma abafisa ukuba ngababhali ngomehluko otholakala ezindimeni zemibhalo yokuziqambela. Sizobheka indaba elandayo, indaba … Read more

Amaphephandaba esiZulu II

Ekhasini lokuqala, siveze amagama amaphephandaba esintu, saqala ngokudingida Ilanga laseNatal, ngokuveza umbhali walo okuwuJohn Langalibalele Dube. Asigcinanga lapho, siphinde saveza inkondlo eyabhalwa emva kokushicilelwa okokuqala kweLanga. Nakuleli khasi sisaqhubeka siveza ezinye zezinkondlo ezabhalwa, izibongo ezaphiwa uDube sivale ngephephandaba Izindaba Zabantu. Lenkondlo ebhalwa ngu Nongamu (Vespertilio) ngesiZulu ime kanje:   Phuma uqhakaze phezu kwesizwe sethu, Njengoba … Read more

Amaphephandaba esiZulu I

Njengoba sazi ukuthi ukuloba lokhu, yinto eyafika nabamhlophe kuleli, kuhle siphinde sikuveze ukuthi omabonakude, uwayilense kanye namaphephandaba izinto ezingezokufika kuthina sizwe esinsundu. Ngaphambilini ebengekho amaphephandaba abantu abamnyama futhi abhalwa abantu abamnyama esiZulu. Kulelikhasi, sithi asibhunge ngamaphephandaba okuqala esiZulu okuyiLanga lase Natali kanye ne Izindaba Zabantu, lona elabuya laguqulwa labizwa ngo UmAfrika. Ilanga laseNatal Leliphephandaba lasungulwa … Read more

IsiZulu sinekusasa kwi-Internet

Sekukaningi ngizwa abantu bakithi bekhalaza ngokuntuleka kolwazi nolokho okuqukethe utho oluphusile ngezilimi zase-Afrika kwi-internet noma kwi-digital space. Abanye bakhala ngokuthi lokhu kudlala indima enkolelweni yokuthi izilimi zase-Afrika kazithwele ubuchule nobuhlakani. Abanye basaba nokuthi izilimi zakithi ziya ekushabalaleni. Ngike ngathatha ithuba ngaxoxa kabanzi ngaloludaba noSindi Mbili, ongumhleli we-News24 IsiZulu, okuyi-Website ebalelwa kwamanye ahamba phambili kuleli. Konke … Read more

Umlando kaKhuzimpi ‘Mdaka’ Shezi

Mhla zingu 9 March 2011 sibenengxoxo noMnumzane Elphas Mdingiswa Shezi owazalwa ngomhlaka 1 July 1966 ongumfowabo wokugcina ezinganeni zikaMaMgwaba Shezi ozala uKhuzimpi. UKhuzimpi Raphael Shezi wazalelwa endaweni yaseMzinto esigodini saseMthethacala kwaMbiyane. Igama ayaziwa noma ebizwa ngalo izinsizwa uMdaka. Wazalwa mhlaka 9 kuNtulikazi ngonyaka ka1958. Uyise kwakunguLanga Shezi unina kunguAgnes Lali Mgwaba, babusiswa ngezingane eziyi 13. Kungabafana … Read more

Uhheshe nesikhukhukazi

Kwesukasukela! Cosi! Kwakukhona ! Sayipheka ngogozwane ibhodwe elincane umancishane Kwakukhona usikhukhukazi owayakhelene nohheshe beyabangani abakhulu behlala ngokuvakashelana. Ngelinye ilanga isikhukhukazi saboleka inaliti yokuthunga kumngani waso uhheshe. Sasifuna ukuthungela amachwane aso izingubo zawo. Uhheshe wamboleka umngani wakhe inalithi, nangampela wathunga usikhukhukazi wathunga nokwakhe. Wakhohlwa ukubuyisela inalithi lapho beyiboleke khona yaze yalahleka. Wafika esezoyifuna uhheshe. Wathi useyoyithatha lapho kade yibekekhona ayisekho, … Read more