Indlakudla isiko elenzelwa umakoti noma umkhwenyana kulowomuzi umuntu asuke egane noma eganwe kuwo ukuthi usengadla yonke into esekhaya. Ngokwesintu kunezinto umakoti noma umkhwenyana abangazidli uma besanda ukushada njengamasi umakoti akawadli. Indlakudla yenzelwa abantu asebeganene noma asebeshadile hhayi abantu abaqomene nje kuphela.
Ziningi izigaba zokuganiselana ezenziwayo ngokwesintu njengombondo owenziwa umakoti, umembeso owenziwa ngumkhwenyana njalonjalo. Lapha sizobheka ukwenikwa kwamkhwenyana indlakudla ngabasekhweni lakhe. Ngosuku lomembeso abakhongi nomkhwenyana bayabizwa bayiswe esibayeni ukuyohlatshiswa izimbuzi. Umkhwenyana uhlatshiswa eyakhe imbuzi kanye nomkhongi. Kukhishwe inyongo bafakwe yona inyongo. Uma umkhenyana eseyitholile indlakudla yilapho esenelungelo lokungena esibayeni sasekhweni adle nokudla kwakhona. Usengakwazi uma kunomsebenzi afike ahlale esibayeni kanye namanye amadoda.
Intombi uma isilotsholwe yaqedwa kwangasala lutho. Ngaphambi kokuthi intombi ihambe iyogcagca kumele noma ikanjani ihambise ingqibamasondo emzini. Ingqibamasondo, umbondo omkhulu lapho intombi isuke isitshengisa ukuthi isizoshada noma yinini. Yingalesosikhathi lapho intombi ithathwa abantu basemzini wayo bayihambise esibayeni iyohlatshiswa imbuzi lembuzi kusuke kungeyokukhulula umakoti ukuthi useyingane yasekhaya usengenza noma yini nenyama usengayidla uma kwenziwe umsebenzi.
Okubalulekile kakhulu ukuthi lokhu kuyisiko futhi kuyakhaleleka uma kungenziwanga. Ingqibamasondo kanye nobikibiki kubalulekile ukuthi ukwenze. Ngoba noma ungashada ungakwenzanga kufana nokuthi awuqedile. Okunye okubalulekile kakhulu uma kwenziwa izinto ezinjengalezi ukuthi kufanele ube nolwazi olugcwele lokuthi kwenziwa kanjani njengokuthi abantu basemzini uma bezombathisa abahlali kanye nabantu bakini endlini eyodwa noma ngabe kwenziwe itende. Baba nendlu yabo abahlala kuyona umkhenyana kanye nabakhongi nabo bafakwe kwenye indlu. Nakanjalo noma sekudliwa, ukudla kuhanjiswa ngendlela enenhlonipho. Esikhathini sanamuhla sekuvamise ukuthi ufice abantu basemzini behlangene ndawonye nabasekhweni. Kubalulekile ukwenza izinto zesintu ngendlela yakhona yenhlonipho.
By: Nqobile Mdabe
I wish you could give us more of this
Cz this is exceptional