Umculo Wokuqala Wabamnyama Othandwayo eThekwini

Ngasekuqaleni kweminyaka yama-1900’s umculo owawufanekisela ukukhonjwa amaVictorian akhuluma isiZulu wawungaconsi phansi. Yize empeleni wawusungulwe emculweni waseYurophu nowaseMelika, kwakungeyona nje indlela elingisa emnyama yesiko ledolobha elikhulu laseNtshonalanga. Umculo we-Afro-American kanye nezinsimbi zomculo, nezinye izinhlobo ezahlukahlukene zamahlaya omculo kanye namahlaya amnyama, kudlale indima ebalulekile ekuvikeleni ukungabandlululwa kwabamhlophe kanye nokucwasa ngokobuhlanga futhi lokho kwaba nomthelela ekuthuthukisweni komculo omnyama … Read more

IYouTube nesintu

Ukuhamba kwesikhathi kusho khona ukushintsha kwezinto, ubuchwepheshe be-Technology benza izinto zibelula. Ukuba khona kwezinhlaka zomculo kanye nokubukiswa kwezinto zesimanje sezivule inkundla yokuthi kubelula ukubona izinhlobo ezihlukene zamasiko ngokwehlukana kwezizwe. IKwaZulu Natali isifundazwe esikhulu kanti ke noma amasiko amaningi esiwenzayo efana kepha ukwenza kuyahlukana . Isibonelo nje indlela okuvunulwa ngayo kwehluka ngezigodi. Uma uya koMzimkhulu nakoBergville … Read more

UMadala Kunene

UMadala Kunene wazalelwa e-Cato Manor, eThekwini ngo-1951. Ungumkhiqizi weRekhodi, uMculi, uMculi, uGuitarist obizwa kakhulu njengeKing of Zulu isiginci. Uqale umsebenzi wakhe wezomculo eneminyaka eyisikhombisa. Enza isigingci sakhe sokuqala ngothayela kawoyela wokupheka kanye namathumbu ezinhlanzi ngentambo, kungekudala waba ngumculi odumile emalokishini. Wahamba kahle eminyakeni yama-70, kwathi ngeminyaka yama-90 wahlangana neqembu lomdanso iWoza Africa lapho abhala khona, … Read more

Iculo lo mzabalazo: Sobashiya abazali ekhaya

Umlando womzabalazo wenkululeko yaseNingizimu Afrika awuxoxeki ngaphandle kokukhuluma ngendima yamaculo ayevunywa ezweni ngenxa yesimo senhlalo. Iningi lalamaculo asaculwa namanje uma kunemibhikisho noma nje kujatshulwa kuhlonishwa umlando. Abalobi bomlando babika ukuthi amaculo omzabalazo ayekhuthaza futhi afake ilukuluku kulabo ababelwa nencindezelo. Impela abalobi bomlando bakuqhakambisa ukuthi la maculo ayelakha ithemba futhi eqinesekisa ukuzimisela kwabantu abansundu ekuguquleni izwe … Read more

Gcwalisa Mabhida

Kulenyanga ka Nhlolanja indaba esematheni yindaba yase Moses Mabhida, lapho insizwa yakwa Mpungose ebizwa ngo Khuzani izobe ibambe inqophamlando womcimbi obizwa ngokuthi “Gcwalisa iMabhida” la okuzobe kukhona izinqwele zamaciko omculo wesintu. Lomcimbi ungundaba mlonyeni ebantwini njengoba kuyisenzo sokuqala lesi ukuthi umculi ka Maskandi ezobe ezama khona ukugcwalisa lenkundla la kuzobe kushiyelana khona amaqhawe alomculo inkundla. … Read more

Isicathamiya: Sebehlasele Umoya Wami

Sesike sabhala kaningani ngohlobo lobuciko ekuthiwa isicathamiya. Isicathamiya saduma kakhulu ngeqembu lo mculo elidume umhlaba wonke, iLadysmith Black Mambazo. Yize abanye bangaze basole sengathi loluhlobo lo mculo luthandwa abantu abadala kuphela, yiningi intsha ewuthandayo lo mculo. Lapha ngezansi sishicilele amaciko aholwa yintombi yakwaMacingwane, uZoliswa Mchunu. Amaciko lawa ahuba ingoma ethi: “Sebehlasele Umoya Wami”. Le ngoma … Read more