Imithetho Yokuhambela Imindeni Eshonelwe

Ezikhathini zakudala kwakungavamisile ukuthi kushonwe njengoba sekushonwa manje. Uma kwenzeka kwakuqabukela kushoniwe kulesosigodi futhi uma nje kwenzeka kwaba abantu ababili emizini ehlukene kwakuba indaba enkulu kubatshazwe noma kukhuzwe umhlola uma besho abantu abadala kwakukhuzwa ibhadi kukhalwe isililo esikhulu. Abantu bakuqala babeyisaba into ekuthiwa yibhadi kanye nomkhokha. Angiphathi khona uma kushone ingane kwakubatshazwa kakhulu ngoba kwakunenkolelo … Read more

Amahubo esizwe saseMbo

EsiZulwini isizwe esingenalo ihubo, sisuke sizifanela nesizwe esifile. Njengoba namanye amazwe emhlabeni enamahubo esizwe. Amakhosi ezizwe saseMbo nawo ngokwahlukana kwawo abanamahubo awo. Amahubo ahlanganisa nezibongo zenkosi kusuke kuqoshwa umlando wesizwe. Ihubo ngalinye liyacacisa ukuthi laqanjwa nini, kwakubusa yiphi iNkosi futhi kwakuhlosweni ngalo, okungaba okwakukhathaza isizwe noma kwakutuswa okuthile.  Amahubo  aseMbo aqala emahubeni eyehutshwa ngesikhathi kubusa … Read more

Amagama esintu okubizwana ngawo

IsiZulu wulimi olujulile futhi ngendlela olunonophele ngayo luze lubonakale nasendleleni esibizana ngayo ukuveza inhlonipho nezinga lalowomuntu esisuke sikhuluma ngaye noma naye ngalesosikhathi. Amagama okubizwana ngawo aveza ubulili, ubudlelwane obakhekile, nalowo obizwayo ukuthi isikhundla anaso noma ingxenye anayo emndenini noma emphakathini. Lezindlela zokubizana zazidala ukuhloniphana, ukubumbana nokuthandana kubantu. Kwenza ukusondelana kwabantu ngemindeni nangokuzalwa kokulamana futhi. Lamagama … Read more