Izimila Zokufika

Izimila noma izihlahla zokufika kuthiwa ezokufika ngoba ezakwamanye amazwe ngaphandle kweNingizimu Afrika. Ezinye kuthiwa zafika nabasuke bevakashele kwamanye amazwe ngokuthi zinamathele ezimpahleni zabo zokugqoka. Kokunye zifika nezinyoni ngokushintsha kwezikhathi zonyaka (ikwindla, ihlobo, ubusika nentwasahlobo). Akudingi ukuthi zitshalwe lapho siwele khona siyazimilela. Lezihlahla zidla kakhulu amanzi futhi uma kukhona okunye okumilile eceleni kwaso kuyafa kumile sona sodwa kuleyondawo kuguguleke umhlabathi kungasamila lutho kuleyondawo.

Izibonelo zezinye zazo:
– ugumtree
– ugwava
– ubhici noma ubukhwebezane lusuka maphakathi naseNingizimu yeMelika
– umhlanga noma umoba wezinkomo usuka eMeditarranean
– ubhongabhonga usuka eNingizimu yeMelika
– umhlakuva
– umaphuthuma

Contents

1 Ubuhle bazo
2 Ububi bazo
3 Umsebenzi wazo
4 English Summary – Alien Plants
5 Advantages
6 Disadvantages

Ubuhle bazo
Okuhle ngalezihlahla zokufika ukuthi ziyasiza ekhaya noma emasimini akude namakhaya ngokuthi uyakwazi ukubiyela ngazo ukuvimbela imfuyo efana nezinkomo nezimbuzi zingamoshi amasimu. Ezinye zisetshenziswa ukwenza imikhiqizo ethize, ezinye zisetshenziselwa ukwelapha abantu nokuvikela izinambuzane ezitshalweni.

Ububi bazo
Ububi balezihlahla ukuthi ziyazimilela uma sezimila zivala isikhala salokho okutshaliwe.

Umsebenzi wazo
Ugwava: amakhasi asiza uma umuntu ephethwe isisu kuthi izimpande zikusiza uma uphethwe isifuba somoya
Umaphuthuma: ulapha isisu uma siqumbile noma sinomoya, amacembe ayagxotshwa kufakwe amanzi, uchathe.
Umsaringi: usiza ekuxosheni omasikito ekhaya, uthatha igatsha ulibeke endlini bahlale kulo, uyasiza nasekuvimbeni umbani ungangeni ekhaya
Fern-sword usuka ezindaweni ezishisa kakhulu eAfrika (Tropical Africa): uyagxotshwa ubekwe ukwenzela ukuthi uhlangane kahle bese kuchelelwa ngawo emasimini ukubalekisa izinambuzane ezidla izitshalo.

English Summary – Alien Plants

Alien plants plants that are not endemic to South Africa, it is said that sometimes they are brought back by people who travel to other countries some can attach themselves on their clothes; during seasonal changes when birds migrate they can also bring these alien plants into the country. Some of these plants are very poisonous and they can cause soil erosion and they use too much water.

Below is a list of some of alien plants found in South Africa:
– Gumtree
– Bugweed originated from South America
– Spanish Reed originated from the Mediterranean
– Lantana originated from Central and South America
– Psidium originated from Tropical America
– Tithonia diversfolia
– Wild Canna or Indian Short – it is believed that if you plant this tree at home there will be death
– Jacaranda Mimosifolia originated from the North West of Argentina

Advantages
Some of these plants are used or can be used to fence the household yard, some are used to produce paper, furniture etc and some are used for medicinal purposes by traditional healers and people in general who know how to administer it.

Disadvantages
These plants kill other plants, they cause soil erosion and they use a lot of water.

Leave a Comment