Singing Your Praises!

It may be nothing more than a marketing ploy, but Castle’s new ‘Clan Cans’ are a brilliant way of encouraging young South Africans to reconnect with their roots. Based on the most popular clan names in South Africa, Castle are rebranding their milk stout cans with the names of different clans, with the clan praises … Read more

Umlando wokuhlukana kwesizwe sakwaCele

Ntombifikile Ngwazi Isibongo sakaCele singesinye sezibongo ezandile KwaZulu Natali, kunezincazelo ezahlukene ngemvelaphi yabantu bakhona. Sixoxisane noMama uNtombifikile Ngwazi owazalelwa endaweni yaseMzimkhulu esizweni sakwaCele wakhulela khona waze wangena esigabeni sokuthi agane waba nezi ngane eziyishumi nantathu manje sebezinze eThekwini. Basuka ngonyaka ka 1980 endaweni yaseMzimkhulu ngenxa yokuthi kwakuliwa njalo esizweni sakwaCele. Manje sebehlala endaweni yaseMtshebheni eNanda. … Read more

Umlando WakwaMzimela Nezithakazelo Zabo

Izithakazelo Mzimela! Mnguni! Lwandle olungawelwa Luwelwa zinkonjane zona ezindizela phezulu Mahlab’ angadli Ngoba udl’ umkhonto Mwelase! Ongaweli ngezibuko! Owela ngempambuse zomfula Umaginind’ umuntu ngomkhonto UDlubu lwahlutshwa ekhasini Gumede! Mbizeni! Ntaka! Sheleza! Mzungwanya, Dimbani; Donda kaMlimandlela Mfuyi wamatshe, Mnguni ! Mfeka Abasab’ amacokana Nzungane kaMagxega KaNtonga yethusi. Lwazi, Maconi AbaZimela ngentonga yethusi Abafokazana bezimelelela ngomhlanga Umlando wabo … Read more

Usiko Lomntwana LakwaGasela

Lena yingxoxo kaSibongiseni Gasela ohlala endaweni yaseNanda, wazalelwa futhi wakhulela endaweni yaseMtubatuba, KwaZulu. Ngemuva kokuqeda isikole khona weza eThekwini ukuzofuna umsebenzi. Abantu bakwaGasela baziwa ngoMdunge, Chiliza njalonjalo. USibongiseni usitshele ngosiko lakubo kwaGasela okungenzeka ukuthi luyafana nokwalesinye isibongo. Imindeni inezinto noma amasiko abawalendayo ngokwenqubo yabo njengokuthi ezinye izibongo zifaka iziphandla, zigcabe ebusweni ezinye zibhoboze ezindlebeni njalo … Read more

Umlando Wezindawo Ezadliwa Ngabamhlophe Ngempi Yamakhanda

Impi Yamakhanda yaliwa njengoba kwaziwa ukuthi yaliwa izwe lonke laKwaZulu kodwa kwagcina kuwine amaNgisi lapho aqala ukuthi ashaye imithetho yawo. Babezidla izindawo zamanye amakhosi bazinike amanye bhusende njengendawo kaLubhudlungu kaFaku. Enye ayidabula ayinikeza abamhlophe ukuba bayenze amapulazi. Wagcina ebanjiwe uLubhudlungu waboshwa, wakhothamela ejele. Abanye esingababala abahlomula ngaleyondawo ngabakwaSibisi, abakwaSithole nabakwaNgobese. Indawo yakaGezahlale noma Hlazakazi yona … Read more