Ilongwe

Kwelinye lamakhasi sike sabhunga ngendaba yamalobolo, njengoba futhi sasike sabhala naphambili ukuthi umlobokazi uziphatha kanjani uma eganile. Besingakayifakeli ke amehlo le yengoduso nokuthi iziphatha kanjani. Ukuchaza nje, ingoduso umuntu osuke eselotsholwa noma eselotsholiwe sekushoda ukuthi ziwushaye nje kuphela. Ngoba vele ukonakala nokulingeka yinto ebiyenzeka nasemandulo, umbuzo uthi ngokwesintu bekwenziwa njani uma ingoduso yakho ithe ukuphambuka … Read more

Umnyekezo

Umnyekezo inyama yangaphakathi ejwayelekile esingabala amathumbu amnyama namhlophe; usinyaka; itwani nosu. Lenyama inikwa leligama kuphela uma inkomo ihlatshelwe isiko lokugana. Kungaba inkomo yokuncama noma inkomo yomqholiso, inqobo nje uma kuyinkomo yokuganiselana. Lenyama idliwa ngesiko elithile njengokuthi ayidlelwa ekhaya, idlelwa ngaphandle komuzi, kubo kwentombi eganayo nasemzini lapho igana khona. Leligama elithi umnyekezo liyisiZulu esiqojeme ngoba. amakhosikazi … Read more

Izibongo zabashadikazi

Ulwazi Programme lwabhala ngokubongela ngonyaka ka-2015, bheka kule-link uma ufuna ukufunda kabanzi. Kule-video engezansi, sibona imbongi ibongela abashadikazi osukwini lwabo lomshado. Inkondlo yembongi: Inamandla! Yabona kukuhle ukuthi indoda ibe nomsizi wayo, Ngalawa maringi lawa, kunezivumelwano ezinhle. Yebo yaqala impilo entsha, Yajabula eyakwethu. Zagiya ezakwaShange zathi, umakoti ungowethu, Uzosiwashela asiphekele! Konke okuhlanganiswe nguNkulunkulu kuhle Futhi akunakuhlukaniswa … Read more

Ukuphuka Kwezinkomo Zelobolo

Kuyisiko ukuthi uma intombi ilotsholwa iseyintombi nto noma ikhulelwe ikade iyintombi nto kunezinkomo ezikhokhwayo eziqondene nomama kanye nezintombi. Kunenkomo ekhishwa isoka ebizwa ngokuthi isidikli noma umgezo wezintombi. Uma kukhulelwe intombi kuphuma izinkomo ezintathu ukuyovala ihlazo emzini womnumzane. Lenkomo ngeyokuqala okufikwa nayo ikhulekwe ngaphandle kwesango, ihlatshelwe khona kukhishwe inyongo, kuchelwe ngayo umuzi, izintombi ziyogeza ngenyongo yayo … Read more

Ngokwesintu Ukuhlukanisa Kwabantu Abaganene Akuvumelekile

Ngokwesintu bebengahlukanisi abantu uma kade sebeganene noma sebelobolene. Umakoti losuke egane kulowomuzi, akayena owendoda yakhe kodwa kusuke kungowedlozi lakulowomuzi ngoba uma kusaqala zonke izingxoxo zamalobolo idlozi liyabikelwa ngempepho abakubo kamkhwenyana nabakantombazane nabo bayabika empepheni nabo. Sizokhumbula ukuthi umakoti uma engeniswa emzini uthelwa ngenyongo okunguphawu lokumxhumanisa namadlozi omuzi njengomuntu ozogana noma ozovusa umuzi. Ziyabakhona izinto ezingenza … Read more

Umshado nomuntu ongasekho

Lapha sibheka izindlela ezimbili zokushada nomuntu ongasekho. Eyokuqala yilapho eshona sekwenziwe wonke amalungiselelo noma omunye ashade kodwa engaqedanga ukukhipha izinkomo zamalobolo. Kuthi noma esefile kudingeke ukuthi umndeni wakhe noma amadodana akhe amqhubekela nokuyolobola komalume. Ukushada nomuntu ongasekho Ngokwesintu kunabantu noma imindeni ekholelwa ukuthi umshado awumiswa futhi awuhlehliswa, kuthiwa yibhadi ukuwumisa noma ukuhlehlisa. Njengokuthi uma eshona … Read more