Umlando nokubaluleka kwezibongo kumaZulu

Imibhalo kaPurity Ndimande (2001) iveza ukuthi isibongo ngokwamaZulu yigama likakhokho oyinzalabantu okuyaye kubizwe ngalo umndeni wonke ovela kulowo khokho. Izibonelo zezibongo zamaZulu oDuma, Nhlumayo, Cele, Ndlovu, Zungu njll. Ngokuloba kukaNdimande, isibongo sibaluleke kakhulu esizweni samaZulu ngoba siveza ubuhlobo, okusiza kakhulu uma sekufika esigabeni lapho khona abantu befuna ukuganana. Kwazise phela ukuthi kuyichilo esizweni sakwaZulu ukuthi … Read more

Izibongo zikaNandi noMkabayi kaJama

Izibongo zika Nandi no Mkabayi Njengoba kulenyanga edlule (Ncwaba) bekubungazwa ngayo igalelo labesimame kuleli, ngithi nje ake ngilobe ngezibongo zembokodo ebeneqhaza elikhulu embusweni kaZulu, ngokuzala amakhosi kanye nokusikhulisela wona lamakhosi belu. Lana sibala Indlovukazi uNandi inzalabantu, unina weLemb’ eleqa amanye amalembe ngokukhalipha, ngisho uNodumehlezi kaMenzi. Kanye nengculabuchopho, uMkabayi kaJama. UNandi! USomnqeni. UMathanga kawahlangani, Ahlangana ngokubon’umyeni. … Read more

Izithakazelo

Yazi Kabanzi Ngolimi Lakho Sisaqhuba khona lapho sashiya khona ngenyanga edlule, nge-Theme ethi “Yazi Kabanzi ngolimi lakho” Ngokubhala kukaDBZ Ntuli, izithakazelo uhlobo lwezibongo abanye abacwaningi abazibiza ngezithopho. UNtuli uchaza ngokuthi izithakazelo zike zibizwe ngezithopho njengendlela yokubalekela ukusebenzisa isibongo somuntu lapho enconywa ngezenzo ezinhle ezithile azenzile. Uma uzwa umuntu wakwaMhlongo ebizwa ngokuthi Njomane wongathuki, kodwa yazi … Read more

Izibongo zeNkosi uNdaba

Izibongo zeNkosi uNdaba UNdaba kaSonani bathi: ‘Wonani’? Abantu behlezi nemihlambi yabo. EyawoMababela wakoGabela. Ozingel’ amahlath’ azavungama, Az’ athi ‘Nhiya Nhi’ Namuhla kakunyamazana Az’ amlobolele ngentshontsho lempunzikazi. Obeyalala wangangemifula, Obeyavuka wangangezintaba. UTshikazana lwakithi lwakwaGcabashe Luya luhlezi luya ludlondlobele, Lubek’ izihlang’ emadolweni, Luqaphel’ imihlambi yezindlakubi, YawoMababela wakoGabela.  

Izibongo zeNkosi uJama

Izibongo zeNkosi uJama UJama kaNdaba, Ujama akaluthwana kangakanani Nasenhlamvini yomkhont’ angenela, Nasengatsheni angaphathelela. Obengumqingo wanga yitshe laseZihlalo, Ebelingalayezwa ngabaphath’ izindlela, Thina bamaklwa singathath’ ichoba sophule. UMabopha wakithi kwaZwangendaba Ongibophe zaluk’ inhlazane nemfuduluko. Obabis’ ihlaba elikuMahogo; Othabis’ idukumbane elikuNgcingci Owahlafun’ umlom’ engadli lutho, WangokaLuhlafu wawoNogeqwa. Ujama ubengabongwa injenje yaseMabuleni. Omvukazi zinonye zal’ ukuwela, Inga zintandathu zingagubhuza. … Read more