I-Illustrated Glossary of Southern African Architectural Terms

Njengoba kunezinkinga ezinkulu ekufundiseni abakhulumi isiNgisi njengolimu lwabo lokuqala ukuthi befunde ngolimi okungelona ulimi lwabo lwebele, noma ukuqonda imigomo yezinhlobonhlobo ezahlukena yezibalo ngesiNgisi, kanjalo noSolwazi Franco Frescura waseNyuvesi yaKwaZulu Natali ububonile ubunzima echaza amagama abalulekile esiNgisi nesiBhunu kubafundi bakhe basenyuvesi abakhuluma isiZulu. I-Illustrated Glossary of Southern African Architectural Terms yaqala yaveza isidingo sokuxhumana ngempumelelo nabafundi … Read more

The 2023 Durban International Book Fair

The Durban International Book Fair  will run from 9 to 13 August 2023 at the Globe, Suncoast. There is no charge to attend the event. It features a diverse range of writers who focus on a broad spectrum of literary genres – from fiction to non-fiction, academic writing to poetry. The fair provides a space … Read more

Izindlela zokukhuluma ziyehlukana

Singakhuluma isiZulu kepha uma siqhamuka ezindaweni ezahlukene isiZulu sethu ngeke sifane. Indlela yokusebenziswa kwamagama uyehlukana kubantu. Uma ulalela amagama abantu abaqhamuka kulezindawo esingenhla nesifundazwe njengo Lundi wehle njalo koNew Castle noMnambithi nabantu abakhulele eThekwini awafani yize kuyisiZulu. OLundi bathi, “umama”, eThekwini bathi “uma” eMnambithi bathi ”umalo”. ENew Castle bathi ”phephisa” kanti eThekwini bathi ”ncese” noma … Read more

Ubizo neSifo Senqondo

UNokulinda Mkhize yisangoma esike sakhuluma ngesihloko esithi ubizo (ubizo lwamadlozi) nokugula ngengqondo. NgokukaMkhize miningi imibandela ethinta umzimba nomqondo okufanele ibhekwe uma umuntu ethwasa , njengoba isikhathi esiningi umuntu efikelwa wukucindezeleka okukhulu emqondweni uma amadlozi ezama ukudlulisa kuye izimpawu zobizo. Kuphinde kube nodaba lwalezi ‘zimpawu’ noma imiyalezo ephanjaniswa nesifo sengqondo. Enkulumweni yakhe uMkhize, osesebenza njengo gobela … Read more

Ukubaluleka kwamaholidi

Angabe asho ukuthini amaholidi kubantu esikhathini samanje? Phambilini isasasa nokugunjwa kwamaholidi eNingizimu Afrika bekusho lukhulu kepha izinto azisafani. Kulesi siqheshana sibheka kafushane indlela izinto sezishitshe ngayo kanye nokubaluleka kwamaholidi esikhathini samanje. Ukugujwa kwamaholidi nesasasa lawo alisafani nakudala. Amaholidi anjenge Freedom Day, Worker’s Day, Youth Day ne Heritage Day ukubala ambalwa sikhule ebungazwa ngesasasa eliphezulu emphakathini … Read more

Sikwethulela Ulwazi Magazine: Leli Iphephabhuku lishicilelwa kane ngonyaka kubafundi besikole bamabanga aphakeme

Ulwazi Magazine luyaziqhenya ngokwethula leliphephabhuku elisha eliqondiswe entsheni ephakathi kweminyaka engama-13 kuya kwengama-19 ubudala. Leliphephabhuku ligxile kakhulu ukunikezeni umthombo wolwazi, imfundo, nokukhuthaza abafundi bebanga lemfundo ephakeme, liphinde lisebenze njengenkundla yezingxoxo ngezihloko ezisemqoka kubafundi. ULwazi Magazine ihlanganisa izihloko ezihlukahlukene ezibalulekile okubalwa kuzo imfundo ephakeme, izemisebenzi, uzokuphila kahle emqondweni, ubuqhwaga, ezamabhizinisi, izindaba ngabafundu asebaphumelela, umculo, ezemidlalo, njalo … Read more