Umlando weSix Foot Dance Festival eThekwini

Ubuciko bokudansa nobomdlalo buwuhlobo lwenkulumo olwenziwe kuyo yonke imiphakathi futhi buhlobene nomongo wesikhathi. Lapho abasebenzi baseNdiya bezinza eThekwini, babona isidingo sokugcina isiko labo ngokusungula amathempeli kanye ukuqala imikhosi eyayidumile eNdiya. ITherukoothu noma umkhosi womdanso oyizinyawo eziyisithupha kwaba ngomunye wemikhosi enjalo eyalethwa isuka eningizimu neNdiya. Kusho ukudlala emgwaqweni noma umdlalo owenziwa ngabesilisa ikakhulukazi abagqoke njengabesifazane futhi … Read more

IPhansi Museum

IPhansi Museum iseRoberts House, eFrere Hill eGlenwood, eThekwini. Lapha ithatha izinxenye ezintathu kwesinye sezikhumbuzo ezimbalwa zomlando wasekhaya, wedolobha. IRoberts House yakhiwa ngo-1896 ngabazali baka-Esther Roberts, ongomunye wesazi sokuqala sabantu besifazane eNingizimu Afrika. Yamenyezelwa njengesikhumbuzo sikazwelonke ngo-1980 futhi isisesimweni sayo sokuqala. Lesi sigcinamagugu sigcina elinye lamaqoqo amahle kakhulu obuciko bendabuko bamaZulu nobaseNingizimu Afrika. Lokhu kufaka phakathi … Read more

U-Edmund Mhlongo

U-Edmund Mhlongo wazalwa ngo-1956 esigodini saseNkwenkwe ngaseMelmoth, eNyakatho neKwaZulu-Natal. Ngokuhamba kwesikhathi wafudukela KwaMashu ngesikhathi abazali bakhe sebethuthela eThekwini. Ufunde umatikuletsheni ngo-1983 eJohn Dube High School KwaMashu waqhubeka nokuthola iziqu zeBA Honours eNyuvesi yaseThekwini-Westville ngemuva kwalokho wadlulela e-Sussex University e-United Kingdom lapho enza iziqu ze-Masters. Ngo-2005, waklonyeliswa nge-Durban Theatre Award. Uphinde abe ngumkhiqizi othweswe iziqu yi-Hollywood … Read more

UGcina Elsie Mhlophe

UNokugcina Elsie ‘Gcina’ Mhlophe owazalelwa e-Hammersdale ngo-1959 ungumlweli wenkululeko waseNingizimu Afrika, isishoshovu, umlingisi, umbali wezindaba, imbongi, umbhali wemidlalo, umqondisi nombhali. ngemuva kokuphothula umatikuletsheni ngo-1979 eMfundisweni High School. Wenza izifundo ze-Cadet Journalism e-Rhodes University, izinyanga eziyisithupha ze-Film Making Course njengengxenye ye-Interchurch Media Programme’s Community Project kanye nokufundwa kwezindaba ngezikhathi ezithile kwi-Press Trust, i-BBC Radio, i-Africa Service … Read more

Woza Wemvula!

Woza wemvula, uzosichela we!Ngaw’ amacons’ abandayo qa!Siyawathanda thina bantwanyana!Umasidlala ugcabhayiyana!Co! co! Umoy’ uyasitshela!Ukuth’ asilindel’ um’ usuzofika!Co!co! Kugcwal’ imifula!Kugcwal’ izihoshana! Kukhal’ amaxoxo,Kukhal’ amabhengwana,Athi hhoyi! hhoyi!Mambeklez’ iph’ ingane yakho?Imuke nomful’ ifun’ amadiye khon’ esihosheni! Hhoyi! imvula yaze yasiyala ngoDudu Ithemba lethu ,Hhiya! Wo!Hhiya! Wo! English Summary This poem was popular with children in the old days when … Read more

Wemfaz’ongaphesheya

Wemfaz’ ongaphesheyaUthi bhubhu yini na? Ngithi bhubh’ isidwabaIsidwaba yini na? Amanqamula fece, Amalal’edlubulongo Ashiyel’uSheshanaUSheshan’akanandabaIndab’ inofayoFiyo fayoNgathi ngiyahambaEnsimini kwenuNgabon’ impunziIdl’ amasiNgathi ngiyawacelaYath’ akusiw’ awayo awezalukaziEzidl’ ubuchopho benj’ endala nobencane. Summary In this poem two women are communicating. Each one is on the other side of the river but they can hear each other loud and clear.