Izinkolelo Ngokukhulelwa, Ukuzala Nezifo Zabantwana

Ukufika kwengane entsha ekhaya kusho ukushintsha kwempilo kubazali bayo Kanye nabo bonke abantu emndenini ngoba kuthatha wonke umuntu ukuze ukukhula kwayo kube yimpumelelo. Nokuthi uma kuyingane yokuqala kulowomzali usuke esadinga ukuthi afundiswe futhi aboniswe ngezindlela ezilandelwayo uma ingane ikhula noma igula. Lapha sizobheka izifo eziyamaniswa kakhulu nengane esencane. Mhlawumbe kubalulekile ukuthi siveze nokuthi lokuvikelwa kwengane … Read more

Izimila Zokufika

Izimila noma izihlahla zokufika kuthiwa ezokufika ngoba ezakwamanye amazwe ngaphandle kweNingizimu Afrika. Ezinye kuthiwa zafika nabasuke bevakashele kwamanye amazwe ngokuthi zinamathele ezimpahleni zabo zokugqoka. Kokunye zifika nezinyoni ngokushintsha kwezikhathi zonyaka (ikwindla, ihlobo, ubusika nentwasahlobo). Akudingi ukuthi zitshalwe lapho siwele khona siyazimilela. Lezihlahla zidla kakhulu amanzi futhi uma kukhona okunye okumilile eceleni kwaso kuyafa kumile sona … Read more

Izihlahla zokulapha

Izihlahla  zokulapha UMSUZWANA  umila ehlathini,kuba isihlahla asibisikhulu kodwa kumila kube isidlidli nje. Kulapha isichitho kumuntu, kuyagqunywa ngawo. Uyakukha bese ukuhluba amahlamvu izinduku zakhona uzishiye zodwa mese. The leaves are put in boiling water; the water is then used to steam with.   UMNGANU isihlahla eside simila nomakuphi kakhulu kazi ehlathini, uyasixebula. Isihlahla mese usibilisa. Uyasiphuza … Read more

Izifo Eziyizimpawu Zokuxhumana Namadlozi

Emhlabeni singabantu sinezinkolelo eziningi futhi ezingafani, abanye abantu uma bekholelwa kuleyonto ngempela kuyabalungela kuthi wena uma ungakholelwa kuyona kungathi badlala ngesikhathi sabo. Njengokuthi umuntu akholelwe kakhulu kumaphupho akhe ukuthi amadlozi akubo asuke ekhuluma naye ngokuthile noma emxwayisa ngokuzokwenzeka, akwazi ngisho ukulihlaziya iphupho lakhe ukuthi lichaza ukuthini. Kanjalo kukhona nalabo bantu abakholelwa ukuthi uma enesifo esithile … Read more

Isihlambezo sabantu besifazane

Ziningi izinto abantu besifazane uma bekhulelwe noma sebezobeletha bazilandela okunye okuyizinkolelo okunye okuyimikhuba nje. Esikhathini sakudala nezibhedlela zingakabikhona abantu abadala babesebenzisa imithi yokwelapha yesintu ukusiza labo abagulayo. Umuntu wesifazane okhulelwe naye kwakubakhona imithi ayiphuziswayo ngezigaba zokukhulelwa kakhe. Isihlambezo umuthi wesintu ohlanganiswa umuntu wesifazane osemdala elungiselela ukuthi okhulelwe akwazi ukuthi uma esebeletha kungabinzima. Ezindaweni zasemakhaya abantu … Read more

Isihlahla sesigqiki somkhovu

Umnumzane uSimon Radebe owazalwa ngomhlaka 11 Novemba 1955 ohlala endaweni yaseNew Town eNanda ungubaba wezingane ezimbili kanye nomzukulu oyedwa. Uxoxe ngemisebenzi eyenziwa isihlahla esaziwa ngesigqiki somkhovu. Kuthiwa lesihlahla kufanele ubenencwadi esemthethweni yokuba naso kodwa kuyenzeka ukuthi abantu babenaso ngoba besifice endaweni sizimilele ezindaweni ezisemahlanzeni. Kuthiwa zihlukene izigaba ezimbili kodwa zenza umsebenzi owodwa. UMnumzane Radebe usebenza … Read more