Isihlahla Somgxamu

Isihlahla somgxamu siyisihlahla sendalo yalapha eNingizimu Afrika. Lesihlahla sihluma isithelo ekuthiwa ihluze, sithela ngesikhathi sasentwasahlobo. Umgxamu uthandwa kakhulu amacimbi. Lomuthi ubalulekile ezindaweni zabantu ngoba ubuye usetshenziselwe ukwelapha noma ukuzihlanza emzimbeni njengokuphalaza. Nasemfuyweni lomuthi uyasiza kakhulu ngoba amacimbi ayathokozelwa kakhulu yizinkukhu ngoba nabantu bayakwazi ukuwadla awabulali noma awanawo ubuthi obubulalayo. Ukwelapha Uma umuntu efuna ukusebenzisa isihlahla … Read more

Indlela Ekuqiniswa Ngayo Ingane Ezelwe

Uke uzibuze ukuthi abantu basuke beqondeni uma bekhuluma ngokuthi ingane ezelwe iqiniswa kanjani? Sibe nengxoxo noMama Makhosazana Mdabe ohlala endaweni yaseNanda. Umama usixoxela ukuthi ngokwakwenziwa uma kuqiniswa ingane izelwe. Umama uthi yena wazala abantwana bakhe sezikhona izibhedlela okuchaza ukuthi akazalelanga ekhaya. Uqhubeke waveza ukuthi ngesikhathi esebuya esibhedlela nengane efika ekhaya kukhona umuntu omdala wesifazane uyena … Read more

Imisebenzi Yesigqabo

Isigqabo amafutha awumuthi asebenza ngezindlela ezahlukene elitholakala kubelaphi bendabuko. Lamafutha asuke ethathwe ezilwaneni ezahlukene njengezinyoka, izinkawu njalonjalo abelaphi bendabuko kuphela abakwazi ukuhlanganisa lomuthi nokuthi kufanele asetshenziswe kanjani. Lamafutha ahlukile ngezindlela zawo nangemisebenzi yawo. Awumuthi ngoba uyakwazi ngisho nokugquma ngawo uma unenkinga ephathelene nokuthi ngabe uyagquma. Kuyenzeka ukuthi kunokungcola okusele ngaphakathi kumuntu lokokungcola kufanele ukuthi kukhishwe … Read more

Moving With the Times

If I ask you to imagine what an African healer looks like you probably have a very definite image in mind, one of a slightly older rural woman, wearing traditional clothes, and carrying a bag of bones wrapped around her wrist, but the world is changing, and along with it comes a new breed of sangomas – women (and … Read more

Ukungena Nokukhishwa Kwendlakubi

Indlakubi kusuke kuwukudla okudliwa umuntu ngesikhathi umndeni ungazwani noma ungangenelani. Kuthiwa indlakubi ngoba kusuke kuhambisana namazwi ayizinsongo noma izithuko okungenza umuntu okudlayo kumgulise ngokuhamba kwesikhathi. Lapha sizobheka imbangela yendlakubi kanye nokuyigwema ukuthi ingabe isabakhona noma ingasenzeka. Kuyenzeka umndeni ungazwani kube khona ingxabano ezibankulu ngalendlela yokuthi ihlula noma sekwenziwa inhlambuluko. Izingxabano ezinye zivamise ukwenzeka kusaphila abazali … Read more

Ukugezwa Kwezikhwama Zomelaphi Wendabuko

Uma uyinyanga noma uyisangoma, kuba nezinto ozilandelayo, uma kade kukhona umuntu oshonile emndenini noma esihlobeni, uyayivalela imithi ungayisebenzisi kuze kube uyageza wena nomgonqo wakho (uyazila) kuze kudlule umfihlo noma umngcwabo. Uma sekufihliwe kuyima ugeza ngendlela eqondene nomsebenzi lowo owenzayo. Kufanele kugezwe ngomswani nenyongo yembuzi ngumnini wesigodlo. Lokhu wenzela ukususa ithunzi lokushonelwa, ukuze ukwazi ukuqhubeka usebenze. … Read more