Ziningi izinto abantu besifazane uma bekhulelwe noma sebezobeletha bazilandela okunye okuyizinkolelo okunye okuyimikhuba nje. Esikhathini sakudala nezibhedlela zingakabikhona abantu abadala babesebenzisa imithi yokwelapha yesintu ukusiza labo abagulayo. Umuntu wesifazane okhulelwe naye kwakubakhona imithi ayiphuziswayo ngezigaba zokukhulelwa kakhe. Isihlambezo umuthi wesintu ohlanganiswa umuntu wesifazane osemdala elungiselela ukuthi okhulelwe akwazi ukuthi uma esebeletha kungabinzima. Ezindaweni zasemakhaya abantu abaningi bayayazi imithi yesintu edliwayo lokhu okwakenza ukuthi bangayikhipheli mali uma beyisebenzisa. Kodwa ngokushintsha kwezikhathi lemithi yesintu isiyathengwa ngemali ephansi.
Abantu abadala bathi lomuthi usiza kakhulu lapho owesifazane esebeletha ngoba kuyashesha konke, angabi sezinhlungwini isikhathi eside. Kunaleyo ephuzwa umuntu esanezinyanga ezincane kuze kufike lapho eqala ukuzwa izinhlungu. Nangokuhlukana kwazo izihlambezo kwenzelwa ukuthi zikwazi ukumelana nalezikhathi ezingafana. Lapha sibheka isihlambezo esiphuzwa lapho umuntu wesifazane sekufanele abelethe. Siyazimilela kodwa noma umuntu efuna ukusitshala uyakwazi ukusikha ayositshala ekhaya lakhe. Lesihlahla sikhuphuka ngodonga noma sizithandela othangweni. Ukwenza isihlambeza kukhiwa amaqabunga kanye nokusazinhlamvu okutholakala kuso lesihlahla. Amaqabunga nezinhlamvu uyakugxoba ukuhlanganise, kuze kube yimvithi. Uma sekulungile ukufaka emanzini abandayo isikhashana bese uyakucwenga. Kubalulekile ukuthi zonke izinto ezisetshenziswayo ukwenza lomsebenzi sihlanzeke ngoba uma umuthi ungenziwanga ngendlela elungile awusebenzi futhi lapha kusuke kukhona umphefumulo wengane.
Uma konke lokhu sekulungile, owesifazane okunguye olindele noma osikwayo kufanele aphuze inkomishi eyodwa yalomuthi. Kunenkolelo yokuthi ngemuva kokuphuza lomuthi usuku alupheli ingane ingafikanga emhlabeni. Baningi abantu abasekholelwa ekwelashweni ngokwesintu kodwa esikhathini sanamuhla imitholampilo ayikungunyazi noma ayikugqugquzelli ukusetshenziswa kwemithi yesintu abantu abakhulelwe ngoba bathi imithi yesintu inemithelela emibi enganeni. Lokhu sekubangela nokuthi abantu bayidle ngokuntshontsha ngoba besaba abasebenzi bezempilo. Okunye osekusetshenziswa esikhathini sanamuhla u-castor oil nawo uphuzwa ngesikhathi owesifazane eseqala ukuzwa izinhlungu noma isikhathi sokubeletha sesisondele kakhulu.
English Summary
There many Zulu women who use traditional medicines to induce their pregnancies. Various traditional medicinal plants are used by Zulu women during their term of pregnancy. Some are used in early stages and some are used for the main purpose of inducing the pregnancy when a woman is having hard labour. It is believed that a woman who is using these medicines will not not suffer from hard labour and all her pregnancies will be easy. Castor oil is also used when labour begins so that it can be fast and easy. This depends on individuals. Health care workers discourage the use of these traditional medicines.
By: Mbusiswa Zuma
NGICELA UKUBUZA UMUTHI ESUSEBENZISA UMA UKHULELWE SEWUNA8 MONTHS SEWUZOTETA PHECELEZI ISIHLAMBEZO