Umnumzane uSimon Radebe owazalwa ngomhlaka 11 Novemba 1955 ohlala endaweni yaseNew Town eNanda ungubaba wezingane ezimbili kanye nomzukulu oyedwa. Uxoxe ngemisebenzi eyenziwa isihlahla esaziwa ngesigqiki somkhovu. Kuthiwa lesihlahla kufanele ubenencwadi esemthethweni yokuba naso kodwa kuyenzeka ukuthi abantu babenaso ngoba besifice endaweni sizimilele ezindaweni ezisemahlanzeni. Kuthiwa zihlukene izigaba ezimbili kodwa zenza umsebenzi owodwa.
UMnumzane Radebe usebenza Ohlange High School ungunogada, usesebenze iminyaka eminingi. Uthi sikhona isihlahla esaziwa ngesigqiki somkhovu satshalwa nguJohn Dube Langalibalele (Mafukuzela), ngoba wayenothando kakhulu lwemvelo. Kuthiwa lesihlahla wasitshala ukuvikela isikole emimoyeni emibi engahlasela izingane esikoleni. Isigqiki somkhovu sitshalwa esangweni ekhaya. Uma sisesincane asichelelwa yinoma ngubani, kufanele sichelelwe ngumuntu omdala ekhaya. Siyasha uma sichelelwe ngumuntu ongahlanzekile – sihlonishwa kakhulu. Njengoba sitshalwa ngasesangweni sivikela imimoya emibi ukuthi ingangeni ngaphakathi ekhaya. Uma kwenzekile kwaba khona umuntu ongumthakathi wangena nomuthi egcekeni, lowomuthi awube usasebenza. Kuthiwa kubonakala ngeqabunga lawo liwile ukuthi kukhona umuntu obephethe umuthi noma ezokwenza okubi ekhaya.
Lesisihlahla kuthiwa siyasiza noma umuntu ekuthumele ngomkhovu ukuthi awuzokwenza imsebenzi yakhe emibi awukwazi ukuyenza, ufike uhlale phezu kwaso – yingakho negama lithi isigqiki somkhovu. Umkhovu umuntu osuke esetshenziswa ngabathakathi ukuthi enze imisebenzi emibi yabo kwabanye abantu abayizitha kuyena. Umkhovu umuntu osuke efe ngendlela engaqondakali kodwa umndeni wona wamukele ukuthi umuntu useshonile bamungcwabe kanti akusiye, isithunzi sakhe. Kuthiwe lowo osuke ethwebule umuntu uyamgcina isikhathi esingangonyaka ngaphambi kokuthi amshayele isipikili kukhakhayi. Ngesikhathi esamgcinile umunikeza imithi emibi yokwenza ukuthi ingqondo ingasebenzi kahle angakhumbuli ukuthi yena ungowakwabani. Uma unalesihlahla ikhaya liyavikeleka, ngesinye isikhathi bayakwazi ukugadla kodwa umonakalo awubi mkhulu kuba yinto edlulayo.
siyabonga ngolwazi
Ingabe sinamthelela muni ebhizinisi
Lowo umbuzo nathi esingathanda impendulo kuwo. Mhlawumbe ungasebenza nje nasebhizinisini njengoba noMafukuzela wayewusebenzisa ukuvikela isikole, ngisho ngenjwayelo sasitshalelwa ukuvikela ikhaya.
Ukhona imehluko phakathi owe sinus nesgqikisomkhovu?
Sawubona, ungasicacisela ngombuzo wakho?
Ngingasitsh la yini ku veranda wami ngasemnyango
Umuntu ongahlanzekile onjani
Ngabe iqiniso ukuth siphila ngegazi
Sawubona, ingathi leyo inkolelo abanye abantu abanayo kodwa ayishiwo ndawo emibhalweni emayelana naso. Ungafunda lapha ngokuthi abeSouth African National Biodiversity Institute bathi sikhula kanjani: https://pza.sanbi.org/encephalartos-senticosus
Ulwazi Programme
Sanibona, kungabe imiphi imigomo okumele uyilandele uma ususitshala.
Sanibonani ngabe amafutha omkhovu enzani
ngicela ukubuza ukuthi yini ndaba kufanele ube nencwadi yokuba naso.
ngiyabo
Sawubona Aaron, ngokweSouth African National Biodiversity Institute, sekudingeka imvume yokuba nalesi sihlahla ngoba sesiyaphela ngenxa yokuthi abantu bebesisusa lapho esikhula khona bazitshalele emakhaya abo. Ungathola olunye ulwazi ngaso lapha: http://pza.sanbi.org/encephalartos-senticosus.
Ulwazi Programme
It’s is true ukuthi mawu tshala isigqiki somkhovu kumele ufake ngaphamsi inhlobo esetshenziswayolike nife, bullet an many more?
Ngicela ukubuza ukuth uyakwaz yin ukusibeka entwen eyindishi/pot njengembali mhlampe usibeke phezu kwendlu noma othangweni lombiyelo noma usitshale noma kukuph koda phakath egcekeni noma kumele ukuba sibe ngasesangweni?
Siyathelelwa yini ngamanzi ebengi geza ngawo?