Izinkolelo Ngokukhulelwa, Ukuzala Nezifo Zabantwana

Ukufika kwengane entsha ekhaya kusho ukushintsha kwempilo kubazali bayo Kanye nabo bonke abantu emndenini ngoba kuthatha wonke umuntu ukuze ukukhula kwayo kube yimpumelelo. Nokuthi uma kuyingane yokuqala kulowomzali usuke esadinga ukuthi afundiswe futhi aboniswe ngezindlela ezilandelwayo uma ingane ikhula noma igula. Lapha sizobheka izifo eziyamaniswa kakhulu nengane esencane.

Mhlawumbe kubalulekile ukuthi siveze nokuthi lokuvikelwa kwengane kuqala ngesikhathi unina wayo esazithwele ingakazalwa. Ngoba kunemithi yesintu ayiphuziswayo njalonjalo. Noma eseteta noma esetetile eminye uyaqhubeka nokuyisebenzisa ngoba ingane isuke incela ibele kunina. Kubaluleke kakhulu ukuthi unina wengane azihloniphe futhi ahloniphe umzimba wakhe ngalesikhathi esibalulekile empilweni yengane ngoba kukhona nemithetho ebekwayo yokuziphatha njengokuthi akufanele ahlangane ngokocansi noyise wengane ngaphambi kokuthi ingane ize ibenezinyanga ezine kumuntu oganile, kuthi kongagananga kuba yizinyanga eziyisithupha. Abantu abadala babekwazi ukubona uma lomthetho ungalandelwanga ngoba kwakuba nomthelela omubi enganeni ingakhuli kahle.

Uma sekuphele lesikhathi esibekiwe umama wengane kufanele enze ubuhlalu obumhlophe abufake esinqeni noma okhalweni lwengane, lokhu kwakwenzelwa ukuthi noma ubani kanye nobaba wengane abone ukuthi sesiphelile isikhathi sokuhlonipha ingane esiyizinyanga ezine noma eziyisithupha. Lobuhlalu bufakwa nje kulengane vele kunentambo enye ephothiwe ekhona esinqeni sengane, yona yafakelwa ukuthi ingane uma incela isuthe, futhi kuhlale ukudla esiswini kuyo, kunenkolelo yokuthi uma kungekho intambo unina wayengalibala ukuyincelisa ngoba ecabanga ukuthi ilambile angaboni uma sekukhona ezinye izinkinga.

Imithi yesintu esetshenziswa ngunina wengane:
Isihlambezo: Lomuthi uwuphuza esakhulelwe ukuthi akwazi ukubeletha kalula futhi kusheshe.
Ugobho: Lomuthi uwuphuza uma esebelethile, ukuzihlanza ngaphakathi nokupholisa. Ukhipha wonke amahluli akuye ngaphakathi lapho kade kuhleli ingane.
Isobho lemfene: Kuthiwa nalo liyasiza ukuthi umuntu wesifazane asheshe alulame izinyama zakhe zisheshe zihlangane.
Isibhamba: Isibhamba sisetshenziselwa ukubopha isisu, sakhiwa ngesikhumba sesilwane. Usakhelwa ngunina omzalayo. Isibhamba sisiza ekutheni angabi naso isisu esikhulu. Okunye okwakwenziwa ukuthi alale nalapho kuhamba khona izinkomo noma lapho kuphambana khona izindlela khona isisu sizoncipha.

Izifo Zesintu Zabantwana
Ingane yona ikhula ngokuchathwa ngoba kuthiwa isuke ihlanzwa ingaphakathi layo, njengokuthi mhlawumbe umama wathola umeqo ngesikhathi esakhulelwe okuchaza ukuthi lowomeqo awuyi kumama wengane kodwa uphuma nengane.

Kuningi okwenziwa ilomeqo enganeni njengokuthi:
– Uyaba isilwane esibizwa ngethuku, esenza ingane ukuthi iphathwe isisu esiyidonsa enkabeni
– Ungenza ibala elingaba noma ikuphi emzimbeni, ukukhula kwalelobala lahlangana bathi iyashona
– Umsimbane oba kuyo ingane ngaphakathi

Isolwa
Lezifo zilashwa ngokuthi ingane ichathwe kodwa futhi hhayi noma inini ngoba kunenkolelo yokuthi isifo esithile ngeke selapheke uma isimo sezulu singavumi. Futhi banenkolelo yokuthi lokho okusuke kuhlupha ingane uma seyichathiwe kuyaphume bakubone.

Isibonelo:
Uma ingane inesolwa izochathwa ngosuku olunamafu amhlophe esibhakabhakeni kungabi namanye amafu, kuthiwa amafu abe mahle kungabikhona azophazamisa ukuze iphume leyonto, ingasaphinde ihluphe ingane.

Ezinye Izinkolelo
Uma ingane igundwa izinwele kufanele zingasuswa zonke zisale ngaphambili ukuze ize ikwazi ukuhamba ngokuqinile.
Entanyeni ifakwa intambo enamafutha athize okuyivikela uma isikhasa ukuze ingakhazeki, ngoba ebusuku kuhamba izilwane egcekeni ezingase zenze ukuthi ingane igule nokuyivikela kwabenzi bobubi.
Enye ifakwa izinyo levondwe, ngenxa yokuthi lihlala ehlathini lokho kusiza ingane emimoyeni emibi ngokuthi banenkolelo yokuthi imimoya leyo ifike ihlale kulona izinyo lelo.

English Summary
Beliefs associated with pregnancy, birth of a child, traditional illnesses are broad in the communities that we leave in in such that each family practices their own custom when it comes to the matters of pregnancy. It is the responsibility of the whole family to ensure that the child is protected. This whole process of protecting young ones starts during pregnancy where a mother drinks traditional medicine to protect the child and also that will make the delivery to be easy and smooth. When she has given birth a second phase of traditional medicine is administered to the mother as she breastfeeds the child. Also she is given medicine that will also assist her in the process of healing the effects of birth.

Young mothers especially if it’s their first child they are taught and guided by the older women in the family on how to carry themselves and look after the child. For instance they are not to engage sexually with their partners until four months after birth for the married women and for single women it is six months. Old people had a way of seeing that the parents did not wait for the schedule time because it affects the growth of the child. When the four or six months is over the child’s mother will make white beard and put it around the child’s abdomen. This was a sign to the partner and elders that the waiting period is over.

Obvious at this point the child has also been under a lot of traditional customs and protection measures because the white beard is put over a wool that was put to help with the food intake of the child. There is a belief that if this wool string is not done the child will not get full. In most child sicknesses the mother has to administer enema to treat the child. It is important to note that enema should be done when the weather is good with white clouds in the sky.

By: Nelisiwe Hlongwane

Leave a Reply