Sandile Maphumulo Familly History

Contents 1 Izithakazelo zakwaMaphumulo 2 Umndeni wakubo ka Mama kwaNjapha 3 English Summary 4 Maphumulo Family 5 Njapha Family Izithakazelo zakwaMaphumulo Maphumulo, Mashimane! Zulu, Mashiyane, Zikode Zukuzela wen’ owehla ngomzungulu wasala wabola. Mina ngidabuka endaweni yakwaThoyane esigodini saseNtukwini kwaHwayi, eHlanzeni. Ubaba ongizalayo nguSthembile wakwa Maphumulo, umama wami nguMakhosi Njapha oshadele kaMaphumulo. Umkhulu wami ozala ubaba … Read more

Amasiko Nemicimbi Yesintu, Sibusisiwe High School

Abantu abadala bathi isikhathi sakudala sasimnandi kakhulu uma besiqhathanisa nesikhathi samanje. Futhi bathi zazingekho izigameko ezimbi ezenzeka namuhla zenkohlakalo. Bathi bona babevunula ngemvunulo yesintu ngokwezigaba zabo futhi babenzelwa imicimbi noma amasiko umuntu uma esesigabeni esithize. Contents 1 Imvunulo 2 Amasiko noma imicimbi 3 Umhlonyane nomemulo 4 Ukumiswa kweduku Imvunulo Ngokwezigaba zabantu babevunulo ngendlela engafani njengokuthi … Read more

Ukushintsha Kwesimo Sezulu, Sibusisiwe High School

Isimo sezulu esikhathini sakudala sasingafani nesamanje. Ilanga lalingashisi ngalendlela eselishisa ngalo futhi izimvula zazibakhona ngesikhathi esijwayelekile onyakeni. Esingakubala njengenkinga endaweni yaseMbumbulu kwakuwukuduma kwezulu. Lokhu kwakubangelwa izizathu eziningana njengokuthi abantu noma labo abangabelaphi bendabuko babekwazi ukuphehla imithi yabo bathumelane izulu kanye nalelo lemvelo. Kuthiwa uma izulu seliduma kwakuba nokuzamazekeka komhlaba.Okunye esingakubala ukuthi kwakwenza izulu lingafani nelamanje … Read more

Izindlela Zokulima Nemfuyo, Sibusisiwe High School

Ukulima nemfuyo Kuqala izulu lalina futhi laliguqubala kakhulu izulu. Umsebenzi wokulima abantu abaningi baweyamanisa nabantu besifazane kodwa ezikhathini zakudala kwakubalulekile ukuthi umnumzane wekhaya aye ensimini yakwakhe kuthi abantu besifazane bona basale ekhaya noma basize kodwa kube nguye obaholayo. Nemfuyo yayidlala indima enkulu ezimpilweni zabantu emphakathini. Babefuyile izinkomo, amagusha kanye nezimbuzi abanye nezinkukhu. Izinkomo zazisetshenziswa ekulimeni … Read more

Imidlalo Yakudala, Sibusisiwe High School

Kudala kwakukhona izinhlobonhlobo zemidlalo abantu ababechitha ngayo isizungu. kwakuvamise ukuthi abantu abasha endaweni uma bethola isikhathi kuhanjwe kuyiwe endaweni ekhathiwe ukuyodlala. Kwakuvamise ukuthi kubekhona abalingiswa abazolingisa njengokuthi badlale umdlalo kaShaka futhi basine indlamu. Kuhambe kwahamba kwabakhona namaqembu aqhudelanayo noma anandisa emicimbini ethize. Lamaqembu ayeshaya indlamu. Njengokuthi inkosi yendawo uma ibize imbizo yomphakathi lamaqembu anandise kuyo. … Read more