Ukutshala nokuvuna

Okhokho babeba namasimu amakhulu. Kuwo babetshala ummbila, amabele, umoba, ujika nelanga, imfe, namakinati njalo njalo. Lamasimu abeba makhulu, abeba buqamama namakhaya abo. Eduze nemizi yabo babetshala ummbila nemifino nokunye. Uma kutshalwa bekwenziwa ilima lokuthi batshalisane, ekugcineni bonke babeba nawo amasimi anokudla okuningi. Babengatshali into eyodwa isikhathi eside ensimini eyodwa. Bebezishintsha izitshalo benzela ukuthi inhlabathi ingajwayeli … Read more

Ukutshalwa Kwabhatata

Ubhatata isitshalo esitshalwa ezindaweni zasemakhaya esimnandi futhi esinomsoco. Lesisitshalo singesinye esithela ngaphansi komhlabathi njengamadumbe, amazambane kanye namantongomane kanti futhi kuthatha isikhathi eside ukuthi silungele ukudliwa. Imbewu Kabhatata Imbewu kabhatata ayifani nezinye izimbewu eziyizinhlamvu, wona uma ufuna ukuwutshala ukha amakhasi awo lapho ukade utshalwe khona, kujwayeleke ukuthi uma kukhona okade ewutshalile endaweni angawuvuni wonke ngoba enzela … Read more

Ukulima nokuhlakulela insimu yombila

Ukuhlakula kusho ukususa ukhula noma lokhu okuzimilele ensimini emuva kokuba sekwatshalwa umbila nezintanga. Kuqalwa kutshalwe umbila nezintanga bese kuhlakulwa. Kuhlakulwa ngoba kusuke sekukhona lokhu okungatshalwanga njengo cadolo, nesishiphi sendoda, nokhukhunathi nokunye okungadingeki, ngoba kusuke kuzobangisana nezitshalo ezidingekayo bese kuphuma isivuno esincane. Ngoba zisuke zizoncintelana ngomsoco nangamanzi asemhlabathini zigcine zikhipha umbila noma amathanga nencanga amancane noma … Read more

Ukudla okwakutshalwa kuqala

Ukudla okwakudliwa kuqala okutshalwayo kwakubenza abantu baphile isikhathi eside. Sibe nengxoxo noMnuzane Mgazi Maleza Zaphania, owazalwa mhla zingu 4 Februwari 1947 ohlala endaweni yaseNanda eCongo. Uthi ukudla okwakutshalwa kwakuba nempilo ngoba kwakuthi kuphuma ensimini kudliwe. Futhi babephila impilo ende ngoba kwakungenawo amafutha nezinye izithasiselo ezingabeka impilo yabo engcupheni. Izibonelo zalokokudla okunye kwakho kusadliwa ezindaweni ekusalinywa … Read more

Ukudla Kwesintu Okuphekwayo Nezilimo

Ukudla kwesintu Ukulima kwakubalulekile emandulo ngoba abantu babengasebenzi imisebenzi eholela imali. Ukulima kwakusiza ngokuthi badle noma bahlale bephilile. Ezikhathini zakudala zazingekho izitolo lapho abantu ababethenga khona ezinye izinsiza kupheka. Babethembele ezitshalweni zabo ukwenza impilo iqhubeke njengokuthi uma befuna ukwenza impuphu babewugaya ngokusebenzisa itshe lokugaya njalonjalo. Impuphu iyona eyayisetshenziswa kakhulu nemifino uma kudliwa uma siqhathanisa nesikhathi … Read more

Izitshalo, Izithelo Nezihlahla, Amatshezulu High School

Ezinsukwini zakudala izitshalo, izihlahla kanye nezithelo bezisetshenziswa ngezindlela eziningi ezihlukene. Izitshalo bezidlala indima enkulu ezimpilweni zansuku zonke zabantu ngoba bezisetshenziswa ekudleni (imifino) kokunye zisetshenziswe abelaphi bendabuko njengezinyanga, izangoma njalonjalo ukwelapha noma ukuvimba ukuqhubeka kwezifo ezihlukene ebantwini. Izithelo zona zidlale indima kakhulu ezimpilweni zabafana ekwaluseni. Izithelo zaziyinto eyikhethelo ezimpilweni zabo njengamahlali; umvuthwamini; ugqunsu; umalukwata; umvunguvungu, isqunga, … Read more