Contents
1 Izithakazelo zakwaMaphumulo
2 Umndeni wakubo ka Mama kwaNjapha
3 English Summary
4 Maphumulo Family
5 Njapha Family
Izithakazelo zakwaMaphumulo
Maphumulo,
Mashimane!
Zulu,
Mashiyane,
Zikode
Zukuzela wen’ owehla ngomzungulu wasala wabola.
Mina ngidabuka endaweni yakwaThoyane esigodini saseNtukwini kwaHwayi, eHlanzeni. Ubaba ongizalayo nguSthembile wakwa Maphumulo, umama wami nguMakhosi Njapha oshadele kaMaphumulo.
Umkhulu wami ozala ubaba nguDoshi Maphumulo (Jazi lemfene). Umkhulu wami wayenesithembu, okhulu bami kwakungu MaSibisi kanye no MaMbutho. Umkhulu wami wayezalwa nguSindile (Nomabhayi wezintombi). Ukhulu wendoda waye namakhosikazi amabili, kwakungu KaMangazi (Mabhushula) beno MaKhomo (Masilwane).
Ukhokho wami ngu Mlenze, unkosikazi wakhe kwakungu MaMfenya, yena ukhokho wayengenaso isithembu kanti futhi waye ngenazo izidlaliso waye nezibongelo kuphela. Wayethakazelwa kanje:
Usitho senkukhu
Usbumbu uyanika owanikela ngobhatata kaQumbu,
Usgubhu manzozwane,
Nkabi zegeja.
Ukhokho wokhokho kwakungu Gxathu owagxathula abanye ogxathu. Unkosikazi wakhe kwaku ngu MaShazi intokazi yakwa Ndoshi.
Umndeni wakuboka Mama kwaNjapha
Kubo kamama wami uMakhosi Njapha, yena wazalelwa endaweni yase Adams Mission ezalwa ngu Gladness Volontiya Njapha, okungukhulu wami. UGladness wazalwa ngu Obed L Njapha beno Mina Basolani Mqadi. U Obed yena ezalwa nguMabhakabhu endaweni yase Mbumbulu enkosini yakwa Makhanya. Izithakazelo zakwa Njapha zithi:
Njapha!
Sodubo!
Vabaza kamavela
Wena wako Mthunduluka kaNobanda
Abehla ngesisulu behl’ osuthu.
Manje ngokokuhla sihlala eFolweni nomama nobaba, abafowethu ababili kanye nodadewethu oyedwa. Mina ngazalelwa eNtukwini sasuka lapho sengineminyaka eyisihlanu. Sahlala e Adams lapho sasihlala khona nomndeni wasekhaya, leyo ndawo sasiyitholelwe ngumama. Ngesikhathi sihlala e Adams kwakusa yimina ngedwa ingane ngalandelwa nguThembeka udadewethu. Sasuka e Adams saya kohlala eSouth Gate ngo 2000 lapho sasihlala emqashweni. Umama waphelelwa ngumsebenzi kwasebenza ubaba kuphela kwacaca ukuthi kufanele sithole enye indawo ngoba imali yokukhokha yayisincane.
Sasuka eSouth Gate lapho esasiqashe khona sahlala endaweni yaseFolweni lapho sisahlala khona emzini owawakhiwe ngubaba ewakhela umama. Sabuyela eFolweni ngo 2005. Sihlala nomama, ubaba, udadewethu uThembeka owazalwa ngo 1998, bese kuba uZotha olama uThembeka owazalwa ngo 2000, uZotha yena alanywe nguNqubeko, yena wazalwa ngo 2007.
Thina ekhaya siwumndeni omkhulu uma sengibala obaba bonke basekhaya kwaMaphumulo. Wonke amakhehla nezalukazi sebashona. Umuzi wasekhaya kaMashimane uphethwe obaba bami kuphela. Into eyenza ukuthi ekhaya kube umuzi omkhulu yingoba amakhehla akithi kwaMashimane amaningi ayenesithembu.
English Summary
Maphumulo Family
We are originally from Ntukwini. My father’s name is S’thembile Maphumulo and my mother’s name is Makhosi Njapha. My grandfather is Doshi Maphumulo. He was a polygamist, his wives were MaSibisi and KaMaMbutho. My grandfather’s father was Sindile and he was also a polygamist. His wives were KaMangazi and MaKhomo. My great great grandfather was Mlenze and his wife was MaMfenya. My great great great grandfather was Gxathu and his wife was MaShazi.
Njapha Family
My mother was born at Adams Mission. My grandmother’s name was Gladness Volontiya Njapha and her father was Obed L Njapha her mother was Mina Basolani Mqadi. Obed’s father was Mabhakabhu and lived in Mbumbulu. Now we live at Folweni with my father, my mother, two brothers and one sister. I was born at Ntukwini but when I was five years old we moved to Adams, from Adams we moved to South Gate but because of financial problems my family had to move back to Folweni. We are a big family because most of my grandfathers were polygamists.