Ukusetshenziswa Kwamanzi

Kuqala abantu babephila ngezinto eziyimvelo ngoba zazingekho izitolo nezindawo lapho babengathenga khona izinto ezazingabasiza baphile. Imvelo into oyifica lapha emhlabeni eyadalwa uNkulunkulu, isetshenziswa yinoma ngubani futhi ayikhokhelwa. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi izinto zashintsha ngoba kuningi okukhokhelwayo. Bathi abantu abadala babengazi ukuthi kuyofika isikhathi lapho bekhokhela khona amanzi nokuqala ukubasa umlilo sekwaba yimali ukukhanyisa endlini sekwaba yimali. … Read more

Indlela Ekwakuphilisana Ngayo Kwabantu Abamnyama Nabelungu Ngezikhathi Zakudala

Sixoxisane noBaba uSithole owazalwa ngenyanga kaNhlolanja ngonyaka ka 1923. Usilandise ngokuthi imali babeyilondoloza kuphi zingakabikho izindawo noma izakhiwo zokulondoza imali, amabhange. Ezikhathini zakudala imali abantu babengenayo noma babengayazi kwaze kwafika abelungu okuyibo abafika nemali kuleli nokunye okuningi okwakungaziwa ezwenikazi laseAfrika. Abantu baseAfrika babezikhonzele noma babeziphilisa ngokuzilimela nokufuya. Imali abantu baqala ukuyithola ngokuthi bashintshane nabelungu ngemfuyo … Read more

Ukushintsha Kwesimo Sezulu, Sibusisiwe High School

Isimo sezulu esikhathini sakudala sasingafani nesamanje. Ilanga lalingashisi ngalendlela eselishisa ngalo futhi izimvula zazibakhona ngesikhathi esijwayelekile onyakeni. Esingakubala njengenkinga endaweni yaseMbumbulu kwakuwukuduma kwezulu. Lokhu kwakubangelwa izizathu eziningana njengokuthi abantu noma labo abangabelaphi bendabuko babekwazi ukuphehla imithi yabo bathumelane izulu kanye nalelo lemvelo. Kuthiwa uma izulu seliduma kwakuba nokuzamazekeka komhlaba.Okunye esingakubala ukuthi kwakwenza izulu lingafani nelamanje … Read more

Izindlela Zokunqamula Imvula Enkulu

Ngezikhathi zakudala kwakuba khona izimvula ezazinetha ngamandla zinethe isikhathi eside uma kuqhathaniswa nesikhathi sanamuhla. Phela uma imvula isinetha isikhathi eside abalimi babengakwazi ukuthi balime nempilo yayingaqhubeki kahle. Kuthi uma ngabe sebelimile izitshalo zabo zazonakala noma zimuke namanzi. Kuthiwa izimvula lezo azifani nalezi zanamhlanje kwakuba imvula enamandla futhi ehambisana nezikhukhula noma iziphepho. Kuqala abantu babakhe ngodaka … Read more