Izilwane ezingamabika

Inkulu indaba ngezilwane, uma kungesikho ukukwakhiwa kwemvunulo ngazo, ziyazingelwa, uma kungasikho lokho ziyahlatshwa. Nami ke ngithi angikuveze nxazonke okumayelana nezilwane, kepha ke kulelikhasi sithinta kwezasendle kanye nezikubikayo. Ezinye zezilwane zasendle zibika okuthile okunye okuthinta izigameko ezithile, okuyikho esizokudalula kulengosi yethu yokuqeketha ngezinto zesintu. Ezinye zezilwane zizwakala ngokukhala uma kukhona ezikubikayo, akudingi ukuthi zize zibonakale. Imvukuzane – … Read more

Izilwane zeMvunulo

Emandulo kungakagqokwa izembatho zendwangu bekuvunulwa. Imvunulo lena yakhiwa ngezikhumba zezilwane njengoba namanje imvunulo isakhiwa ngesikhumba, kanti ke futhi nezimpahla ezimbathwayo zakhiwa ngaso isikhumba njengoba kukhona izicathula ezakhiwa ngesikhumba sengwenya nje. Kulelikhasi sibhunga ngezilwane zemvunulo okunye okuba imvunulo yamakhosi kanti ke enye kuhlotshwa ngayo uma kuyimidlalo. Indlovu – Amazinyo endlovu lawa ahlonywa phezu komnyango endlunkulu yakwaZulu ebukhosini. … Read more

Izilwane eziyingozi II

Kwingxenye yokuqala sendlalele ngezilwane eziyingozi zasendle, kulezilwane sibale ubhejane, ibhubesi, ingwe, impisi kanye nendlovu. Kanti ke nakuleli khasi sisaqhubeka nokuveza ezinye zezilwane eziyingozi. Kubalulekile ukuthi ngikudalule ukuthi noma ezinye zandile ezweni likaPhunga noMageba, kodwa ke ezinye zazo zazingandile nhlobo kwaZulu. Ibhele – Ibhele naso esinye sezilwane ezinkulu futhi esinejubane ungaze usiphikele uma usibona ngenxa yomzimba waso, … Read more

Izilwane eziyingozi I

Impilo yasemakhaya ihluke kakhulu kunale yasesilungwini. Emakhaya kusondele kakhulu nemvelo namahlathi, kanti ke futhi kunamahlathi nemifula efihle izilwane eziyingozi kubantu, okuyikho okwenza kugcine kwakhiwe iziqiwi zezilwane. Izilwane lezi zihlukene, njengoba kukhona eziyingozi, kubekhona izinyamazane ezidliwayo, kube khona ezibika okuthile kanye nokwakhiwa ngazo imvunulo. Izilwane eziyingozi Indlovu – Indlovu yisilwane esingasukeli muntu, kodwa uma ike yasukelwa iyingozi … Read more

Ukuphilisana kwabantu

Ukulunywa yinja Uma umuntu elunywe yinja yakwamakhelwane, ubeyakhona kulowomuzi bese bethatha uphuthu belininda esilondeni lapho elunywe khona yinja. Kuthe ngemuva kwesikhashana bese lolophuthu beluphonsela inja ukuze iludle. Uma ibaleka ingafuni ukudla bebeyibamba ngenkani beyifake lona emlonyeni, bese bewuvala umlomo ukuze baqinisekise ukuthi iyaludla futhi iyalugwinya loluphuthu. Babenzela ukuthi lowomuntu angajwayelwa ukulunywa yilenja yasekhaya. Bese beyibamba … Read more

Zulu beliefs about the Praying Mantis

The praying mantis (isithwalambiza in isiZulu) is a little creature that is respected by the Zulu community. The Zulus refer to it as ugogo, meaning ‘the granny’. They believe it represents a female ancestral spirit. If this creature appears in a home of a Zulu person they believe that there is a message from the … Read more