Abantu abadala bathi isikhathi sakudala sasimnandi kakhulu uma besiqhathanisa nesikhathi samanje. Futhi bathi zazingekho izigameko ezimbi ezenzeka namuhla zenkohlakalo. Bathi bona babevunula ngemvunulo yesintu ngokwezigaba zabo futhi babenzelwa imicimbi noma amasiko umuntu uma esesigabeni esithize.
Contents
1 Imvunulo
2 Amasiko noma imicimbi
3 Umhlonyane nomemulo
4 Ukumiswa kweduku
Imvunulo
Ngokwezigaba zabantu babevunulo ngendlela engafani njengokuthi izintombi zazibhinca izigege zingagqoki lutho kwesingenhla. Akekho umuntu owayetholwa edlwenguliwe ngoba kuthiwa akagqokile. Kwakugqokwa izigege, amabheshu, izidwaba, imfece, umqhele, amambayi ubuhlalu kubala okumbalwa.
Amasiko noma imicimbi
Amasiko ilapho sisuke sigubha umkhosi othile. Kukhona lapho sibuyisa khona abangasekho noma sibungaza amakhosi kusuke kusinwa ingoma, isishiyame, ingoma yezintombi, Nokugiya kwabantu abadala obaba nomama bekikiza bebongela labo abasuke benza okuthile njengokusina. Amasiko ahlukeni ngazigaba zawo futhi nemithetho yawo ayefani. Ezikhathini zakudala izintombi zazihlolwa ubuntombi bazo njalo ngesonto. Elinye isiko elalenziwa kuthiwa uma umfana ethuke intombazane wayehlawuliswa ngenkomo ehamba ngezinyawo eyayidliwa yizintombi kuphela. Lenkomo yayingahlatshelwa ekhaya kodwa yayihlatshelwa emfuleni edlelwe khona. Inhlonipho yayibalulekile nokuthi ukhuluma kanjani nomuntu. Intombi uma isiqomile kwakuthiwa ineshende hhayi isoka ngoba babesuke bengakaganani noma isiko lokumiswa iduku lingakenziwa. Iqhikiza yilona elalibheka izintombi endaweni.
Umhlonyane nomemulo
Intombazane uma isifike esikhathini sayo sobudala ukuthomba yayenzelwa umhlonyane kuthi uma isineminyaka engama 21 yenzelwe umemulo ngokuziphatha kahle. Umemulo yilapho kubongwa khona intombazane ukuthi iziphathe yaze yabakuleso sigaba ekusona. Intombazane iyamuliswa noma isinengane noma ingenayo, umemulo wenzelwa intombazane kuphela kwezinye izikhathi intombazane yenzelwa umemulo uma izokwendela umkhweyana wayo. Kuqala kuphekwe utshwala ekuqaleni kwesonto ngoMsombuluko lapho amantonbazane asuke ezilungiselela umemulo zisina futhi zikhuza ingewu yilapho esuke ekhuluma ngolimi eluqojeme. Umuntu wesilisa akangeni lapho kukhona amantombazane ngoba izinto ezishiwo khona azimdingi.
NgoLwesine amantonbazane ayahamba ayolanda umkhonto kubo kamkhwenyana uma iganile. Uma ingaganile iwulanda komalume wayo. Zifika lapho zingene zingatshelanga muntu zithatha noma yini yakhona kwenzelwa ukuthi zithole umkhonto bese ziphinda emuva zihuba zithi ingewu. NgoLwesihlanu kusuke kuzondliwa umkhonto futhi kubulawa izinkomo uma emabili amantombazane kubulawa eyodwa. Intombazane ayikwazi ukumula kukhona engaphezulu kwayo ingamulanga noma ngabe seyadlula emhlabeni umndeni uyaxolisa ngembuzi ukuthi ingabi nolaka umsebenzi uhambe kahle.
Lembuzi ibulawa ngoLwesihlanu kanye nayo inkomo yomsebenzi. Izintombi zithatha inyama yomkhonto ziyifake ezintini idliwa izalukazi kuphela. Ekuseni amantombazane avuka aye emufuleni eyogeza ngamanzi abandayo kubuywe lona omulayo azofakwa inyongo anikwe nomhlwehlwe wenkomo azowumbatha uma esesina icece lisinwa esigcawini esikhethwe ubaba wekhaya noma umuntu omdala emndenini wakho. Amantombazane asuke evunulile efake izigege. Kubuywa kube nomhlalo kuze kuse emnyango ngawo uMgqibelo.
Ukumiswa kweduku
Iduku limiselwa umfana uma ethola intombi efuna ukuthi kwaziwe kubo kuthi bayathandana. Lilandwa abakubo kamfana bese izintombi babuyenazo lizofakwa kube khona nomselo kuze kuse kubungazwa lolusuku. Iduku lifakwa ngo 12 ebusuku umuntu ongumkhongi uyena omemezayo uma selifakiwe umemeza abafana abangakaqonywa ngamagama athi “Vukani nizoshela zishimane”. Uma eseqedile kuyasinwa eduze kwalo iduku bese kungenwa endlini kusinwe kuze kuse emnyango Lapho ekuseni lisuke seliphephezela kuthiwe inyoni emhlophe. Izintombi ziyabuya ekuseni zizokwaba izitsha namaphinifa. Umfana ufakwa ubuhlalu basendlebeni amagaliga nobase sinqeni umgqulu. Iduku lima kuze kuphele isonto. Umfana ubuhlalu ubufaka noma isikhathi esingakanani uma engakabi nengane. Umfana iduku ulimisa noma ikangaki, kodwa intombazane ayilimisi kabili futhi akuvumelekile kusuka emandulo.