Umlando kaKhuzimpi ‘Mdaka’ Shezi

Mhla zingu 9 March 2011 sibenengxoxo noMnumzane Elphas Mdingiswa Shezi owazalwa ngomhlaka 1 July 1966 ongumfowabo wokugcina ezinganeni zikaMaMgwaba Shezi ozala uKhuzimpi. UKhuzimpi Raphael Shezi wazalelwa endaweni yaseMzinto esigodini saseMthethacala kwaMbiyane. Igama ayaziwa noma ebizwa ngalo izinsizwa uMdaka. Wazalwa mhlaka 9 kuNtulikazi ngonyaka ka1958. Uyise kwakunguLanga Shezi unina kunguAgnes Lali Mgwaba, babusiswa ngezingane eziyi 13. Kungabafana abayisishiyagalombili, namantombazane amahlanu. UKhuzimpi Shezi wayezalwa esithenjini uyise wayenamakhosikazi amathathu uMaVezi, uMaMgwaba owayezala uKhuzimpi kanye noMaDlamini.

UKhuzimpi Shezi esangumfana wayenezimpawu zobuholi nobuqhawe. Wayengumuntu owayenokuzethemba. Wakhethwa izinsizwa zendawo yangakubo ukuthi aziphathe njengenduna yezinsizwa zakwaMbiyane. Ngezikhathi zamaholide kaKhisimusi lapho izinsizwa zonke zisemakhaya, kuhlangane amaqembu ebhola lezinyawo encintisana nakhona ebholeni bekuneqembu ayeliphethe elalibizwa ngeMathefeni United futhi wayaziwa kakhulu ngokungcweka.

Contents

1 Ukushiya indawo yangakubo
2 Umsebenzi wakhe njengekhansela
3 Ukuqanjwa kwemigwaqo ngegama lakhe
4 Izibongo zikaKhuzimpi Shezi
5 English Summary: History of Khuzimpi ‘Mdaka’ Shezi

Ukushiya indawo yangakubo
Ngonyaka ka 1975 wayishiya indawo yakubo wayofuna amatoho edolobheni laseThekwini. Waqala ukusebenza njengosonkontileka akha umgwaqo namabhuloho njengalebhuloho elisePark Rynie eMzinto elikumgwaqo onguthelawayeka ophakathi kweTheku neSayidi (Port Shepstone).
Ngonyaka ka1982, waqashwa yinkimpani eyayizinze endaweni yaseJacobs eThekwini ebizwa ngokuthi iRomate Pty Ltd. Ngalesosikhathi wayehlala eMlazi esigcemeni sakwa P. Yilapho aqala khona ukubonakala ukuthi uyilunga likaKhongolose (ANC). Wakhethwa ngabasebenzi ukuthi abe yi’Shopsteward’, abhekelele amalungelo abasebenzi. Ngalesosikhathi ubandlululo lwaludla lubi kodwa waqhubeka nokuthi alwele amalungelo abantu bakubo abamnyama.
Ngonyaka ka1986, washada nentokazi yakwaNyuswa uSmangele Hope wasendaweni yaseMzumbe. Babusiswa ngabantwana abane, abafana abathathu nentombazane eyodwa. Amagama ezingane uVela, Phumlani, Phumelele kanye noSphelele. Ngonyaka ka 1996 wathuthela ehostela laseTehuis eMlazi nalapho aqhubeka khona nomsebenzi wakhe.

Umsebenzi wakhe njengekhansela
Ngonyaka ka1999 ngokhetho lokuqala lohulumeni basekhaya, waqokwa njengekhansela lesigceme 75 (Ward 75) njengokuklanywa kwemingcele ngumasipala weTheku. Ngokushintsha kwemingcele, wabe eseyohlala eWema khona eThekwini, isigceme ayesiphethe sabasikhulu sahlanganisa iLamontville, Wema, Merewent kanye neMobeni. Wabamba iqhaza ekulungisweni kwehostela laseWema, nasekwakhiweni kwenxanxathela yezitolo eMlazi iMega City Mall. Wayeyilunga eliqavile kumkhandlu weTheku. Ngonyaka ka2006 kuNovember wahlaselwa ukugula, wedlula emhlabeni ngonyaka ka2007 ngoMarch 13. Kwadlula izinyanga ezine kwalandela inkosikazi yakhe.

Ukuqanjwa kwemigwaqo ngegama lakhe
Njengomuntu owayeyiqhawe kuthe noma esedlulile emhlabeni imisebenzi yakhe emihle ayenzile yamlandela njengokuqanjwa komunye wemigwaqo emikhulu edolobheni laseThekwini ngegama lakhe uKhuzimpi Shezi (Williams Road) Nasendaweni yangakubo eMzinto umgwaqo ongenela ekhaya lakhe waqanjwa ngegama lakhe ubizwa ngokuthi Khuzimpi Assess Road, lomgwaqo ukwaWard 9 kumasipala woMzumbe phansi kwekhansela u M.J Mkhize.
Ngonyaka ka 2010 izingane zasendaweni yangakubo kwaMbiyane ziphinde zasungula iqembu lengoma elibizwa ngoKhuzimpi Zulu Dance. Leqembu lihlanganise abafana namantombazane. Lezingane, ziphakathi kweminyaka eyishumi kuya eminyakeni eyishumi nesishiyagalolunye, ngokuzwa nangokubona ubuqhawe bukaKhuzimpi, zafika kubo zazocela ukubiza iqembu lazo ngoKhuzimpi. Leliqembu liholwa uSbonelo Thabethe, esigodini saseFrance khona kwaMbiyane.
Ngokwesintu kubalulekile ukuthi umuntu athole abantwana ikakhulukazi babafana ukuze isibongo nomuzi kuqhubeke noma ngabe umnumzane wekhaya sewadlula emhlabeni. Naye uKhuzimpi izingane zakhe seziwandisile umndeni ngonyaka ka 2010 kuzalwe abazukulu abathathu oLusanda, Aphile kanye noMnotho.

Izibongo zikaKhuzimpi Shezi
UMdak’ omnyam’ olalekhwaneniUNonzonzonz’inkunz’ emkhonokhonoUShaka noDingane, umntakaSenzangakhona
Inkunz’ emkhonokhonoEyabhodl’ eTehuis Yaze yaguq’ eWema.Umgwaq’ omkhul’ odabul’ iTheku.Umgwaq’ odabul’ uMbiyaneInkunz’ emkhonokhono
UShezi kaLanga, kaMalala, kaMhanjaneIthole likaSgananda.UShez’ omuhle njengemaliUShezi owafa ngephuthaDlaba Sgananda

English Summary: History of Khuzimpi ‘Mdaka’ Shezi
Khuzimpi Raphael Shezi was born on the 9 of July 1958 at Mthethacala, in Mbiyane Area, Umzinto. His was well known as Mdaka. His father was Langa Shezi and his mother was Agens Lali Mgwaba. They had 13 children, eight boys and five girls. His father had three wives MaVezi; MaMgwaba (Khuzimpi’s biological mother) and MaDlamini. When Khuzimpi was growing up he had leadership skills and was a warrior among his peers. He was chosen by his peers as their leader. He was also involved in soccer. He was the manager of Mathefeni United and he was also well known for stick fighting.
In 1975 he left his home place to look for employment in Durban. He started working as a contractor, building roads and bridges. He was part of the group who built the Park Rynie turn off road in the South Coast. In 1992, he worked for Romate Pty Ltd in Jacobs, Durban. At that time he was staying at Umlazi P section. That is where he was noticed as a member of the ANC. He was chosen by his colleagues as a shopsterward. He fought for the rights of other people. In 1986, he married Smangele Hope Nyuswa from Umzumbe. They were blessed with four children, three boys and one girl, Vela, Phumlani, Phumelele and Sphelele. In 1996, he moved to Tehuis Hostel at Umlazi where he continued with his community work. During the first local government elections, in 1999 he was elected as a councillor for ward 75. After the new dermacation he moved to Wema Hostel and he was responsible for Lamontville, Wema, Merewent and Mobeni areas. he played a major role in the renovation of Wema Hostel and the Mega City Shopping Mall. He died in 13 March 2007 and four months later his wife also died. As a leader, even after his death his contribution was noticed, Williams Road in Durban was named after him. Even in his home area, Umzinto a road in Ward 9, Umzumbe Municipality was named after him Khuzimpi Assess Road. His children now have their own children, in 2010 three grandchildren were born Lusanda, Aphile and Mnotho.
Ibhalwe nguThembi M Mkhize

Leave a Comment