Amaphephandaba esiZulu II

Ekhasini lokuqala, siveze amagama amaphephandaba esintu, saqala ngokudingida Ilanga laseNatal, ngokuveza umbhali walo okuwuJohn Langalibalele Dube. Asigcinanga lapho, siphinde saveza inkondlo eyabhalwa emva kokushicilelwa okokuqala kweLanga. Nakuleli khasi sisaqhubeka siveza ezinye zezinkondlo ezabhalwa, izibongo ezaphiwa uDube sivale ngephephandaba Izindaba Zabantu.

Lenkondlo ebhalwa ngu Nongamu (Vespertilio) ngesiZulu ime kanje:

 

Phuma uqhakaze phezu kwesizwe sethu,

Njengoba bakwethe, bakuthopha bathi: ‘UYILANGA’

Kuthi ngemisebe yakho uxoshe

Ubumnyama, ebesimbozwe yibo nguBusuku

 

Hlale njalo uthobela iqiniso

Ube yisitha sikaSomanga

Ngaleyo ndlela kuyothi noma ibambene

Udle umhlanganiso wena LANGA.

Izindaba Zabantu (UmAfrika)

Leliphephandaba lesibili labansundu laphuma ngonyaka ka 1910, lashintshelwa ekubeni UmAfrika ngonyaka wezi 1929. Leliphephandaba lashicilelwa okukuqala ziyishumi nesikhombisa enyangeni kaMfumfu ngonyaka ka 1910 (17 October 1910). Lalinda izinyanga ezimbili lingashicilelwa emva kwalokho labe selishicilelwa njalo emva kwamasonto amabili. Iphepha Izindaba Zabantu lalishicilelwa ngaphansi kwenhlangano nenkampani yezamaphephandaba ebizwa ngokuthi iMhlathuzana Press. Kusukela ngonyaka ka 1923 laqala lashicilelwa emva kwesonto elilodwa, okwabe sekuthi ngonyaka ka 1929 laguqulwa igama lalo labizwa ngokuthi UmAfrika.

Kuhle sikuveze ukuthi leliphephandaba lalusungulwe ngu G. Wolpert owayemhlophe ngokobuhlanga, kanti-ke nomhleli walo wayemhlophe naye. Leliphephandaba laligqugquzela kakhulu ezenkolo, ezamasonto kanti ke futhi kwakubuye kucashunwe nezindaba zomlando kaZulu. Kodwa ke zazingavumelekile izindaba ezigxeka noma ezihlaba isonto, njengoba nababefisa ukuloba kuleliphephandaba babebekelwe umgomo wokuthi bangathumeli izindaba ezigxeka isonto kanti futhi nezindaba ezingahlukumeza abantu ngokomphefumulo.

Brief Overview
This article continues with the topic of the establishment of the first Zulu newspapers, namely Ilanga laseNatal and Izindaba Zabantu. However, what is new in the above writing, is the fact that Izindaba Zabantu newspaper was formed and edited by a white person and published under Mhlathuzane Press. One has to highlight that both these papers played a positive role in informing the public on current affairs and also in religious and biblical teachings.

1 thought on “Amaphephandaba esiZulu II”

Leave a Comment