Ukuthwetshulwa Komuntu

Sibheka indaba yokuthwetshulwa komuntu ukuthi ngabe yenzeka nini futhi kuvamise ukuthi kube abantu abanjani abavamise ukuthi bathwetshulwe. UBaba uNgwazi ohlala eNanda, eCongo usixoxele ngaloludaba. UBaba usibekela kabanzi isithombe sokuthi labantu abathakathayo basuke befuna hlobo luni lomuntu abasuke befuna ukumenza umkhovu. Izimpawu Abazibhekayo Kumuntu Uthi kwakuvamise ukuthi uma kuyiwa emdlalweni wokushaya induku obaba abathakathayo babehlala babuke … Read more

Umungcwi Nesidalwa Esibi

UBaba Nyambose ohlala endaweni yaseNanda, owazalelwa endaweni yaseMkhomazi wafika eThekwini ngokusebenza. UBaba usixoxela ngomehluko phakathi komungcwi owenziwa ngabantu noma abathakathi kanye nesidalwa esimbi emndenini uma kwenziwa umsebenzi. Umungcwi owenziwa ngabathakathi ubizwa ngokuthi ikhubalo. Ikhubalo umthakathi uyalenza ngomuthi ukuthi limsebenzele ukuthi lihluphe omakhelwane angazwani nabo. Ikhubalo liwumoya omubi ufika ebusuku nasenganeni esancane. Uma kukhona ingane ekhaya … Read more

Umfana Owayeyisilima – Inganekwane

Kwesukasukela! Kwakukhona umfana owayeyisilima. Lomfana wayengenabazali wakhula kanzima. Abantu babengamthandi lomfana futhi wayengenabo abangane. Wayesebenza ukulusa izinkomo emzini yabantu. Abantu babeshaya sengathi bayamthanda uma kukhona ekufanele abenzele kona njengakho ukwelusa, ukusenga kanye nokulima. Kwakuthi noma kukhona okonakele endaweni kuthiwe nguye umfana owonile. Wakhula ke umfana ngaphansi kwalezizimo ezinzima. Kwakunzima noma umfana esethi uzama ukweshela ngoba … Read more

Ukuzingela Nokudoba, Amatshezulu High School

Esikhathini sakudala ukuzingela kwakuyingxenye ebalulekile yempilo ebantwini besilisa. Babezingela ukuthola inyama kanye nokuthi basebenzise isikhumba senyamazane ukwenza okokugqoka njengamabheshu kanye nokumbatha uma belele. Kuhambe kwahamba ukuzingela kwangabe kusavunyelwa ukuthi abantu bakwenze ngoba izilwane bezincipha obekuzogcina sekwenza ukuthi zingabe zisatholakala eNingizimu Afrika. Lomthetho awubenzanga abantu ukuthi bayeke ukuzingela, baqala ukukwenza ngokuntshontsha njengokuthi bavuke ekuseni kakhulu uma … Read more

Ukusetshenziswa kwamagama eyizidlaliso kubantu

Isidlaliso igama okubizwa ngalo umuntu kodwa kungesilo igama lakhe aliqanjwe ngabazali bakhe. Amagama ayisidlaliso angasuselwa ezintweni eziningi umuntu ajwayele ukuzenza. Kuyenzeka isidlaliso sisho into embi noma enhle. Isidlaliso singathathelwa ekufinyezweni kwegama lomuntu. Isibonelo: igama uSiphelele bese kuthiwa uS’phe, uNtombizodwa kuthiwe uZodwa. Isidlaliso singathathelwa nasekufanisweni komuntu nento ethile, uma emncanyana futhi eqinile kuthiwe uZenze, uma enamehlo … Read more