Umlando kaKhuzimpi ‘Mdaka’ Shezi

Mhla zingu 9 March 2011 sibenengxoxo noMnumzane Elphas Mdingiswa Shezi owazalwa ngomhlaka 1 July 1966 ongumfowabo wokugcina ezinganeni zikaMaMgwaba Shezi ozala uKhuzimpi. UKhuzimpi Raphael Shezi wazalelwa endaweni yaseMzinto esigodini saseMthethacala kwaMbiyane. Igama ayaziwa noma ebizwa ngalo izinsizwa uMdaka. Wazalwa mhlaka 9 kuNtulikazi ngonyaka ka1958. Uyise kwakunguLanga Shezi unina kunguAgnes Lali Mgwaba, babusiswa ngezingane eziyi 13. Kungabafana … Read more

Idolobha lethu umphakathi wethu

UPalesa Mohlakoana uthole umklomelo wophume isibili emncintiswaneni wokubhala emkhakheni wesiZulu obuhlelwe uMtapo wolwazi ngaphansi koMkhandlu weTheku ngo 2008. Indaba yakhe: Selokhu kwasebenza intando yeningi emhlabeni esihlala kuwona izinto zaguquka, itshe lagaya ngomunye umhlathi. Iningi labantu lafuduka ezindaweni eziningi zasemakhaya laya emadolobheni nasemalokishini. Kungakho-ke usubona imikhukhu isigcwele yonke indawo emadolobheni, nase malokishini kungasekho nesikhala sokuphefumula nje. Wonke … Read more