ILakshmi Pooja: Ukubaluleka kwentambo ebomvu kumaHindu

Ukubaluleka kwezintambo ezibomvu kumkhuba wamaHindu obizwa ngokuthi i-Lakshmi Pooja. Inyanga ka-August iletha uLwesihlanu olubaluleke kakhulu kumaHindu emhlabeni wonke. NgoLwesihlanu olunqunywayo ngo-August (olunqunywa ngokuncike enyangeni) ekhalendeni lamaHindu, amaHindu agcina uLakshmi Pooja enikelwe kunkulunkulukazi uMaha noma uMother Lakshmi kanye nosuku abopha ngalo intambo ebomvu ebonisa ukuzinikela kwabo kunkulunkulukazi. Ukubaluleka kobungulunkulu beLakshmi Ubunkulunkulu  beLakshmi buyingxenye ebalulekile yazo zonke … Read more

I-Purtuassi eThekwini

Okuqukethwe Umsuka Indlela yokuzila Indlela yomthandazo wokuzila ukudla Izinzuzo ngokubuka i-Purtassi. Umsuka Minyaka yonke amaNdiya aseTamil emphakathini waseThekwini agubha ukuzila ukudla kusukela mhlaka 17 Septhemba kuze kube umhlaka 17 Okthoba, okuphawula ukuzila kwenyanga okubizwa ngokuthi ukuzilela iPurtassi. I-Purtassi igama lesiTamil elisho uSepthemba, ekhalendeni lesiTamil inyanga iqala ngosuku lwe-15 futhi ukuzila kwePurtassi kuqala ngokwenyanga namaplanethi. Kwakuyisiko … Read more

UDiwali eThekwini

Umsuka AmaHindu aseThekwini aqhube amasiko amaningi kanye nemikhosi evela eNdiya kodwa umgubho obaluleke kakhulu futhi odumile uDiwali noma i-Deepavali Diwali igujwa ngamaHindu aseThekwini minyaka yonke futhi ibizwa ngokuthi umkhosi wamalambu. Kuqhunyiswa iziqhumane esibhakabhakeni futhi ugujwa usuku noma ezimbili. Isizathu sikaDiwali Kunezinganekwane eziningi zokuthi kungani sigubha iDiwali kepha ingqikithi eyinhloko ukunqoba okubi. Inganekwane edume kakhulu ukubuya … Read more

Ukuhlambulula Idlozi Ngenkolo YamaNazaretha

Ngibe nengxoxo noMnumzane Bongani Dube owazalwa ngo 1963 Novemba 11, ezalelwa endaweni yaseNdwedwe esigodini sakwaHlophe eduze nomuzi wakwaShembe, Ehhomisi. Manje usehlala endaweni yaseNanda, eCongo. Ukuhlambulula izidalwa noma idlozi yilapho usuke ugeza abantu bakini abangasekho emhlabeni. Ngokwenkolo yamaNazaretha kuthiwa uyazihlambulula. Inhloso yokuthi izidalwa zihlanjululwe ukuthi azize kahle kulowomuntu, okuthi uma ngabe enza umsebenzi izinto zakhe zilunge … Read more

Umshado Wentombi Nensizwa YaseNazaretha

Uma intombi nensizwa yaseNazaretha beganana kunemithetho okumele bayilandele ukuze umshado wabo uhambe kahle. Insizwa ikhetha intombi eyithandile, uma intombi ivumile iyabongwa ngesiphuzo esibandayo namakhekhe, konke lokhu kunikezwa umphathi wayo. Bese kuyahanjwa kuyocelwa ubuhlobo obuhle kubo kwentombi, kwendiwe bese insizwa nentombi baye kothola isibusiso enkosini eBuhleni ngokuthi bahlanganiswe ngokomshado kodwa basuke besazowuhlela umshado wabo omkhulu. Intombi nensizwa … Read more

Umhlanganiso Ngokwebandla LamaNazaretha

Enkonzweni yamaNazaretha kunemithetho ebekelwe amakhosana (izinsizwa) kanye namakhosazane (izintombi). Uma beyiphulile leyomithetho bayahlawuliswa ngokuthi bangangeni ethempelini baze bahlambuluke ngendlela yaseKuphakameni. Inkosazane ayivumelekile ukuthi iqome kanye nenkosana nayo ayivumelekile ukuthi iqonywe kodwa kunendlela ebekiwe yokuthi baganane baze bashade besazigcinile. Uma kwenzekile bawephula lomthetho bayahlawuliswa ngendlela yaseKuphakameni. Lapha sibheka uma inkosazane noma inkosana iganwa umuntu ongakhonzi ebandleni … Read more