I-Albini Catholic Mission

Umlando we-Albini Catholic Mission eNtshongweni njengoba ulandiswa nguSister Gertrude Nzama ongasekho. Okuqukethwe Isonto kanye nesikole sase-Albini UFr Pfister OMI wafika eNingizimu Afrika ngo-1934 futhi wamiswa e-Inchanga. INtshongweni ingesinye sezikhungo ezingu-15 azivakashele egibele amahhashi ngoba lokho bekuwukuphela kwento yokuthutha eya kulezo ziteshi ezehlukahlukene, zase Thousand Hills. Ngaphambi kokuba eze lapha uFata Pfister OMI wavakashela ezinye zalezi … Read more

ILakshmi Pooja: Ukubaluleka kwentambo ebomvu kumaHindu

Ukubaluleka kwezintambo ezibomvu kumkhuba wamaHindu obizwa ngokuthi i-Lakshmi Pooja. Inyanga ka-August iletha uLwesihlanu olubaluleke kakhulu kumaHindu emhlabeni wonke. NgoLwesihlanu olunqunywayo ngo-August (olunqunywa ngokuncike enyangeni) ekhalendeni lamaHindu, amaHindu agcina uLakshmi Pooja enikelwe kunkulunkulukazi uMaha noma uMother Lakshmi kanye nosuku abopha ngalo intambo ebomvu ebonisa ukuzinikela kwabo kunkulunkulukazi. Ukubaluleka kobungulunkulu beLakshmi Ubunkulunkulu  beLakshmi buyingxenye ebalulekile yazo zonke … Read more

IHanuman Statue eChatsworth, eThekwini kanye neHanuman Prayer

Indawo engaphansi kwedolobha iChatsworth eThekwini iyikhaya labantu abaningi baseNdiya. Ukwamukela isiko labo kanye namagugu abo acebile, sebezakhele idumela lokuheha izivakashi. Kusukela lapho bahlala khona eThekwini, sebesungule izindlela zabo zokumelana nezimo, ikakhulukazi ukwakhiwa kwamathempeli okuvuselela izinkolelo namasiko abo. AmaHindu akholelwa konkulunkulu abahlukahlukene, ngamunye enenganekwane yakhe eye yadluliselwa ezizukulwaneni ngezizukulwane. Umfanekiso omkhulu kaHanuman noma i-murthy sakhiwe ethempelini … Read more

I-Purtuassi eThekwini

Okuqukethwe Umsuka Indlela yokuzila Indlela yomthandazo wokuzila ukudla Izinzuzo ngokubuka i-Purtassi. Umsuka Minyaka yonke amaNdiya aseTamil emphakathini waseThekwini agubha ukuzila ukudla kusukela mhlaka 17 Septhemba kuze kube umhlaka 17 Okthoba, okuphawula ukuzila kwenyanga okubizwa ngokuthi ukuzilela iPurtassi. I-Purtassi igama lesiTamil elisho uSepthemba, ekhalendeni lesiTamil inyanga iqala ngosuku lwe-15 futhi ukuzila kwePurtassi kuqala ngokwenyanga namaplanethi. Kwakuyisiko … Read more

UDiwali eThekwini

Umsuka AmaHindu aseThekwini aqhube amasiko amaningi kanye nemikhosi evela eNdiya kodwa umgubho obaluleke kakhulu futhi odumile uDiwali noma i-Deepavali Diwali igujwa ngamaHindu aseThekwini minyaka yonke futhi ibizwa ngokuthi umkhosi wamalambu. Kuqhunyiswa iziqhumane esibhakabhakeni futhi ugujwa usuku noma ezimbili. Isizathu sikaDiwali Kunezinganekwane eziningi zokuthi kungani sigubha iDiwali kepha ingqikithi eyinhloko ukunqoba okubi. Inganekwane edume kakhulu ukubuya … Read more

Ukuhlambulula Idlozi Ngenkolo YamaNazaretha

Ngibe nengxoxo noMnumzane Bongani Dube owazalwa ngo 1963 Novemba 11, ezalelwa endaweni yaseNdwedwe esigodini sakwaHlophe eduze nomuzi wakwaShembe, Ehhomisi. Manje usehlala endaweni yaseNanda, eCongo. Ukuhlambulula izidalwa noma idlozi yilapho usuke ugeza abantu bakini abangasekho emhlabeni. Ngokwenkolo yamaNazaretha kuthiwa uyazihlambulula. Inhloso yokuthi izidalwa zihlanjululwe ukuthi azize kahle kulowomuntu, okuthi uma ngabe enza umsebenzi izinto zakhe zilunge … Read more