I-Albini Catholic Mission

Umlando we-Albini Catholic Mission eNtshongweni njengoba ulandiswa nguSister Gertrude Nzama ongasekho.

Okuqukethwe

  • Isonto kanye nesikole sase-Albini
  • Albini Mishini Steshini
  • Umgwaqo kanye Nezokuthutha
  • Uhambo lwase-Albini
  • Ibandla likaMary Immaculate Mediatrix of Grace
  • Isikole esisha sase-Albini
  • Umtholampilo Wezempilo e-Albini
  • Ukwendlula emhlabeni kukaBaba Wagner
  • Izakhiwo ezintsha kanye nesikole samabanga aphezulu i-Albini
  • Ukuthuthukisa izakhiwo zamaKholwa
  • Isikhungo Sabababeleki
  • Ubaba uCodognes ethatha umhlalaphansi
  • Ukuhlonishwa kweBandla
  • Ireferensi

Isonto kanye nesikole sase-Albini

UFr Pfister OMI wafika eNingizimu Afrika ngo-1934 futhi wamiswa e-Inchanga. INtshongweni ingesinye sezikhungo ezingu-15 azivakashele egibele amahhashi ngoba lokho bekuwukuphela kwento yokuthutha eya kulezo ziteshi ezehlukahlukene, zase Thousand Hills. Ngaphambi kokuba eze lapha uFata Pfister OMI wavakashela ezinye zalezi zindawo, futhi waqoqa abaguqukile ababeqhuba izinkonzo zabo emzini kaMnuz & Nkk Khwela. Ngo-1938 uFata Wagner wakha isonto alibiza ngokuthi i-Albini. Impahla yokwakha yafika ngololiwe eNtshongweni esiteshini futhi abantu bendawo basiza ukuyithwala emakhanda angengezihlibhi bayisa entabeni lapho kwakukhona imishini. Wabe uvule isikole samabanga aphansi esaziwa ngeNtshongweni State Aided Government School.

Ngo-1939 uFata Wagner wabizwa eFrance ukuba ayokulwa eMpini Yezwe Yesibili. Ngaleso sikhathi sezinxushunxushu lapho kwakubonakala sengathi angeke asinde, wenza isethembiso kuMama uMary wathi uma esindile uyobuya eNingizumu Africa, azokwenza okuthile njengophawu lokubonga kuNkosazana Yethu. Ngesikhathi eye empini esikhundleni sakhe kwafakwa uFata Canevet OMI naye owayesebenza e-Inchanga ngaleso sikhathi.

Albini Mishini Steshini

Ngo-1942 uBaba Wagner wabuya eMpini Yezwe Yesibili. Ngo-1943 iNtshongweni yasungulwa njengeMishini Steshini kwadingeka ukuthi umfundisi ahlale unomphela kuleyo ndawo. Njengoba zazingekho izinto zokuhamba, umfundisi wemishini wayevakasha kwezinye iziteshi zakhe egibele amahhashi: Lezi ziteshi kwakukhona iHammarsdale, Georgedale, Cliffdale, Delvillewood, Camperdown to Entweka, Hillcrest, Botha’s Hill kuze kufike eMabedlane, KwaNgcolosi nase-Emolweni. Endaweni ngayinye enesiteshi wasungula isikole. Ngaso leso sikhathi wasungula i-Albini boarding school eNtshongweni enzela ababehamba ibanga elide. Intombazane yokuqala eyayihlalangaphakathi(iborder) yayilala esikoleni bese igoduke ngezimpelasonto. Phakathi kwabafundi bokuqala abahlala ngaphakathi kwakukhona amantombazane amabili akwaMthimkhulu aseSankontshe kanye noNkk R.S Mkhize (ozalwa uNdaba) wakwaNgcolosi. Ngo-1944 uBaba uWagner wasungula isikole sabafana asavalwa ekuqaleni kweminyaka engamashumi amahlanu.

Umgwaqo kanye Nezokuthutha

Ngo-1946 uFata Wagner wakha umgwaqo owubhuqu ohlanganisa imishini neHammarsdale kanye neHillcrest. Konke ukwakhiwa kwaqedwa ngosizo lweqembu labesifazane abangamaKatolika. Isithuthi esiyihhashi sashintshwa kwasebenza isithuthuthu kwaze kwaba uBaba Wagner unikezwa iJeep ngo-1950 ngabaphathi bakhe. Umgwaqo wobe usufakwa itiyela, liqala ePinetown ligcine esiteshini. Ngemuva kuka-1994 kwafakwa itiyela emgwaqeni oya eHammarsdale. Amabhasi abe esesebenzisa lomgwaqo ukuthutha umphakathi.

Uhambo lwase-Albini

Ngo-1953 uFata Wagner waqala uhambo lokuya eNtshongweni njengokufeza isithembiso sakhe asenza kuMama uMariya eya eFrance ngeMpi Yezwe yesibili. Abantu abaningi ababesuka ezindaweni ezikude njengaseGoli, Newcastle, Port Shepstone, Stanger, Maphumulo naseHarrismith bahamba ngesitimela beya e-Albini ngoba umgwaqo wawusemubi. Iningi labahambeli kwakumele lihambe ngezinyawo lisuka eNchanga naseHammarsdale liya esontweni ukuyophetha uhambo olungcwele eNtshongweni. Izakhamuzi Kanye nezihambi babengenawo ugesi namanzi. Kwasetshenziswa ibhethri lemotoukuze bekwazi ukukhanyisa. Amanzi ayekhiwa emfuleni izingane ezingamaKhatholika namanye amavolontiya abesifazane. UFata Wagner wayekha ngezigubhu ezithwale ngeJeep yakhe, ewakha emfuleni iSterkspruit owaziwa nangokuthi uMnqadodo. Kamuva ugesi wafakwa, uBaba Wagner wadonsa amanzi ngepayipi elixhunywe esiteshini sephampu iSterkspruit (Umnqadodo River).

UMnyango Wezemfundo waphasisa umthetho othi zonke izikole zamaKhatholika azizimele. Izikole eziningi zemishini zavalwa. Yaqhubeka iNtshongweni Government Aid. Ngo-1954 kwasungulwa isikole samantombazane kuphela i-Albini Girls Private Secondary. Osisi ababebizwa ngamaGray Nuns baseLesotho babephethe isikole. Lesi sikole saba nabafundi baso bokuqala ababhala izivivinyo ngo-1954. Babhala i-South African J.C yayibizwa ngeJunior Certificate eyayibhalwa yibo bonke abafundi abamnyama nabamhlophe. Lokhu kwaqhubeka kwaze kwaba yilapho uHulumeni Wobandlululo uphoqa abafundi abaMnyama ukuthi babhale iBantu Education Exams ngo-1960.

Ibandla likaMary Immaculate Mediatrix of Grace

OSister baseLesotho basuka eNtshongweni ngenxa yokuxakeka ngamanzi nangezithuthi. Ngo-1957 uFata Wagner waqala ibandla losisi bamaZulu endaweni. Ngo-1958 othisha besifazane abathathu bajoyina leli bandla. Owokuqala kulaba owenza izifungo zakhe zokuqala kulelo bandla nguSr Getrude Nzama. U-Sr Henrica Msweli kanye noWinfrieda Ndlela benza izifungo zabo zokuqala ngo-1959. Ngakho-ke kwasungulwa iBandla likaMary Immaculate Mediatrix of Grace. I-Sisters ngosizo lothisha abathile abazinikela basiza isikole ukuba siqhubeke njengesikole samabanga aphezulu kuze kufike ku-J.C.

Ngo-1964 uFata Wagner wagula futhi wahlinzwa isisu. Odokotela bathola ukuthi unomdlavuza wesisu. Ngalesi sikhathi abaphathi bakhe banciphisa umsebenzi wakhe eziteshini ezingaphandle. Wayezophatha eNtshongweni naseDelvillewood (St John Bosco). Zonke lezi ezinye iziteshi zazinezikole ezizimele. Ngeminyaka yobandlululo lapho abantu behlukaniswe ngokobuhlanga, uMnyango wezeMfundo wazama ukuvala lezo zikole ngokuthi uthi lezi zindawo ngezabamhlophe. Ngakho abamnyama kwakungasamele babe semishini ebusuku.

Isikole esisha sase-Albini

Isikole Samantombazane i-Albini school for girls. Ngo-1962 uFata Wagner ngosizo lodade abangamaZulu wathola isiza kuMnuz Enock Mthembu (Lot 8) lapho kwasungulwa khona isikole esisha okuhlalwa kuso.Abafundi bokuqala abahlala ngaphakathi esikoleni (e-boarder) baqala ukusebenzisa isikole esisha ngo-February 1962. Ngokwemithetho yoMnyango Wezemfundo, isikole sasinqatshelwe ukwamukela abafundi abangewona amaKhatholika. AmaKhatholika ayebhapathiziwe kuphela ayethathwa esikoleni, futhi ukuthathwa kwabafundi esikoleni samabanga aphakeme isibalo sasigcina kubafundi abangu-50 eFomu I, II & III. Othisha babe iholo noma imihlomulo eMnyangweni wezeMfundo kwaze kwaba ngu-1994.

Umtholampilo Wezempilo e-Albini

Ngemva kokuhlinzwa kwakhe uFata Wagner OMI waqhubeka nomsebenzi wakhe wobufundisi. Ngaphandle kokuthi abantu baseNtshongweni babengenawo amanzi nezinto zokuhamba. Wayeseqale umtholampilo eMishini owawuphethwe ngabahlengikazi abaqeqeshiwe. Owokuqala kwakunguNkk Sehole kwase kuthi uBaba waba nomunye woSista bakhe owaqeqeshelwa ukuba ngumhlengikazi ePitoli. Imoto yakhe yayisetshenziselwa ukusa abantu abagulayo esibhedlela. Abantu babekwazi ukumvusa noma nini ngisho noma engaphilile. Izakhamuzi zazikha amanzi ethangwini lakhe, ezama ukuwampompa emfuleni futhi wayewampompa nasepayipini alaliphakela abamhlophe amanzi ezansi nesigodi (eduze nesiteshi). Ngo-1968 uBaba uWagner wavakashela kubo kwafakwa uFata P. Ntombela (engomunye wabefundisi ababephethe). NgoMeyi 3 1970, uFata Wagner OMI wahlaselwa wukugula futhi wangeniswa esibhedlela iSt Mary’s, eMariannhill. Odadewabo base-Albini babe nenhlanhla yokuvunyelwa ukuba bamnakekele kanye nabasebenzi base-St Mary’s.

Ukufa kukaBaba Wagner

Mhla ziyi-11 kuNcwaba 1970 kukhona uFata J. Codognes OMI kanye noSr Henrica Msweli IMIMG, ubaba uWagner washona ngenxa yomdlavuza, ubaba Wagner wayaziwa ebandleni lakhe ngelikaBaba uNtshebe. UFr J. Codognes waqhubeka nomsebenzi wakhe kusukela ngo-1970 kuya ku-1999 lapho athatha khona umhlalaphansi ngenxa yokuguga. UFata J. Codognes waqhubeka nomsebenzi ngempumelelo. Wazitholela isiteketiso esithi “UVEMVANE” okusho uvemvane olundiza izindawo ngezindawo, ngenxa yokuthi wayehambela imizi eminingi yabantu baseNtshongweni.

Izakhiwo ezintsha kanye nesikole samabanga aphezulu i-Albini

Uma ehambela abantu wayethola imiminingwane nomazisi babo ukuze bekwazi ukusizakala, wayekwenza lokhu kubo bonke abantu basebandleni lakhe. Isonto elidala elakhiwa owandulela yena ngo-1938 laba lincane kakhulu, ngenxa yokwanda kwebandla lakhe LamaKatolika. Ubaba uCodognes wakha izakhiwo eziningi. Ngo-1983 ibhilidi lebandla elaklanywa uMnu Brian Kearney lathatha indawo yendlu endala yomfundisi. Ngaso leso sikhathi uMnu Kearney waklama iPavilion yenkundla yemidlalo yaseshashalazini eyayisetshenziswa ngesikhathi sohambo.

Kwakhiwe izikole ezimbili zamabanga aphansi nehholo esikoleni okuhlalwa kuso i-Albini Girls boarding school. Odade baseBandleni LikaMary Immaculate Mediatrix of Grace baqhubeka befundisa ezikoleni. Ngesikhathi sokusebenza kwakhe abafundi babuyela esikoleni saseMishini. UFata Codognes wasiza ekwakheni esiyizitezi ezimbili e-Albini High School, eyathuthukiswa isuka esikoleni samabanga aphakathi yaba isikole samabanga aphezulu ngo-1984. Kungalesi sikhathi lapho kwethulwa khona ingadi yemifino ukuze yengezelele ukudla kwabasebenzi nabafundi.

Ukuthuthukisa izakhiwo zamaKholwa

Ubaba uCodognes wazama ukuthuthukisa izakhiwo zamaKholwa, okokuqala wakha izindonga zamatshe ukuvimbela ukuguguleka kwenhlabathi, kwaba nezindlela ezaziya emagumbini. Ubaba uCodognes wasiza odade ukuthi basungule inkulisa yezingane zendawo lapho indawo yabo yashintshwa yaba indawo yokuhlala. Izakhiwo eziningi ezindala zalungiswa nguye.

Isikhungo sabazobhaca

Ngesikhathi sodlame lwezepolitiki kanye nezibhelu zeminyaka yawo-1980 kanye nawo-1990 wavula izinkundla zemishini kubo bonke abantu abahluphekayo njengesikhungo sokubhaca. Ngesikhathi imigwaqo kanye nolayini bezitimela becekelwa phansi yizikhukhula zango-1987 i-Albini yasebenza njengesikhungo sezimo eziphuthumayo ezindaweni ezakhelene nayo. Kwelulwa isandla kwasizwa ababhacile ngezingubo zokulala, nangezingubo zokugqoka kanye nokudla, kwakunikelwe ngamaqembu ayesiza abbasekubhaceni afana neRed Cross kanye Welfare, kwasatshalaliswa eMishini. Njengoba izindiza ezinophephela emhlane kwakuyizona zodwa izithuthi zokuhamba eziphephile zandizela eMishini nezimpahla. UFata Codognes wanikela ngempesheni yakhe yanynga zonke kwabampofu ngokuthenga amasaka empuphu ama -10kg kanye namasaka kabhontshisi angu-5kg ahlukaniselwe abampofu nabaswele base Delvillewood naseNtshongweni.

Ubaba uCodognes ethatha umhlalaphansi

Ngo-1999 uFata Codognes wathatha umhlalaphansi ngenxa yokuguga, i-Albini yayingenanye umfundisi esikhundleni sakhe kwaze kwaba nguZibandlela ka-1999 lapho uFata Duncan Mackenzie aqokwa khona. UFata Mackenzie wethula uhlelo lwewadi lwamaKhatholika olusasebenza ngempumelelo eMishini. UFata Mackenzie wathathelwa indawo uFata Le Cardia, kwase kuba uFata Gumede ngo-2000. NgoSepthemba 2001 kwafika umfundisi omusha ogama lakhe linguFata N. Frank eMishini. Kusukela lapho kuze kube namuhla uyaqhubeka nomsebenzi phakathi kwabantu. USr Nzama washona zi-2 kuMfumfu wezi-2006 wangcwatshwa emishini.

Ukwamukelwa kwebandla

Futhi e-Natal Vicariate uFata Henry Wagner, ongubaba we-Oblate missionary, waqala i-Institute of Mary Immaculate, Mediatrix of Grace ngo-1958. Yamukelwa ngokusemthethweni ngo-1988 kanti odade basebenza e-Albini Mission Ntshongweni.

Umthombo
Brain, Joy – The Catholic Church in Natal over 150 Years. 1852-2002. Pub.2002.

Leave a Reply