Ukubaluleka kwezintambo ezibomvu kumkhuba wamaHindu obizwa ngokuthi i-Lakshmi Pooja. Inyanga ka-August iletha uLwesihlanu olubaluleke kakhulu kumaHindu emhlabeni wonke. NgoLwesihlanu olunqunywayo ngo-August (olunqunywa ngokuncike enyangeni) ekhalendeni lamaHindu, amaHindu agcina uLakshmi Pooja enikelwe kunkulunkulukazi uMaha noma uMother Lakshmi kanye nosuku abopha ngalo intambo ebomvu ebonisa ukuzinikela kwabo kunkulunkulukazi.
Ukubaluleka kobungulunkulu beLakshmi
Ubunkulunkulu beLakshmi buyingxenye ebalulekile yazo zonke izinkolelo nemikhuleko yamaHindu njengoba engunkulunkulu wengcebo nokuchuma kungakhathaliseki ukuthi kungokwezinto ezibonakalayo noma okungokomoya. Igama elithi Lakshmi lisuselwa egameni lesiSanskrit elithi Lakshay elisho inhloso noma umgomo yingakho uMother Lakshmi ephakamisa inhloso yokuphila. AmaHindu adumisa yena ngesimo sesibani sikankulunkulu asikhanyisa nsuku zonke futhi basiwasha njalo ngoLwesihlanu. Abesifazane abashadile abangamaHindu bahlotshaniswa kakhulu nonkulunkulu njengoba benesibopho sokuphumelela emakhaya abo. ULakshmi ungunkulunkulu wengcebo, ubuhle kanye nenhlanhla emlandweni wamaHindu
Indlela ebonakala ngayo iMother Lakshmi
Ubunkulunkulukazi buvezwa njengowesifazane omuhle onebala elisagolide, egqoke izingubo ezibomvu futhi ehlotshiswe ngobucwebe obuyigugu. UMother uLakshmi unezandla ezine ezimele iziphetho ezine zokuphila komuntu okuyizifiso, ingcebo, inkululeko kanye nomjikelezo wokuzalwa nokufa. Uphethe i-lotus ezandleni zakhe zombili ezimele ubuhle, ubumsulwa, ingokomoya, nokuzala. Uhlezi phezu kwesihlahla somlotha esiqhakazile esiyisihlalo seqiniso laphezulu. Kunezinhlamvu zemali zegolide eziphuma ezandleni zakhe ezikhombisa ukuthi ubusisa abantu ngengcebo. Izindlovu ezimbili ezimi eduze kwakhe zibonisa ukuthi ngokwezenzo zabantu, lapho kubuswa ukuhlakanipha nobumsulwa, kungaholela kokubili okungokwenyama nokungokomoya.
Ngosuku Lomkhuleko lweLakshmi Pooja
Ngosuku lomkhuleko lweLakshmi amaHindu agcina ukuzila ukudla lapho ezibamba khona ekudleni inyama nasezintweni zawo azijwayele ezihlanganisa ukuphuza utshwala, amahora angama-24. Umthandazo wabo bangawenza ekhaya noma ethempelini, kodwa kungcono iminikelo nomthandazo wenziwa ekhaya ngesibani sikankulunkulu njengoba kukholakala ukuthi unkulunkulukazi ubusisa ikhaya kuqala. Abesifazane ngokuvamile bagqoka imvunulo yamaNdiya ebomvu. Khona-ke imikhaya ikhanyisa izibani zonkulunkulu bayo futhi yenze iminikelo yayo yezithelo nobisi kanye nokudla okumnandi ngezinye izikhathi. Umkhuleko ungenziwa noma nini kodwa iningi lamaHindu likhetha ukuwenza ntambama njengoba intambama ithathwa njengesikhathi senhlanhla. Kukhona nezintambo ezibomvu ezazinikezwa kunkulunkulukazi ukuze azibusise kuthi ngemva komkhuleko amalungu omndeni abophe intambo omunye komunye. Injongo yentambo ebomvu ezandleni zomuntu ongumHindu iwukubalethela ingcebo. Uma intambo inqamuka noma ivuleka abakwazi ukubopha enye intambo kuze kube yiLakshmi Pooja elandelayo. Kubo bonke onkulunkulu abaningi bamaHindu, umotherLakskmi ubaluleke kakhulu njengoba engumama wayo yonke izimpumelelo.
Ibhalwe uYoveshine Pillay