I-Albini Catholic Mission

Umlando we-Albini Catholic Mission eNtshongweni njengoba ulandiswa nguSister Gertrude Nzama ongasekho. Okuqukethwe Isonto kanye nesikole sase-Albini UFr Pfister OMI wafika eNingizimu Afrika ngo-1934 futhi wamiswa e-Inchanga. INtshongweni ingesinye sezikhungo ezingu-15 azivakashele egibele amahhashi ngoba lokho bekuwukuphela kwento yokuthutha eya kulezo ziteshi ezehlukahlukene, zase Thousand Hills. Ngaphambi kokuba eze lapha uFata Pfister OMI wavakashela ezinye zalezi … Read more

Umshado Wentombi Nensizwa YaseNazaretha

Uma intombi nensizwa yaseNazaretha beganana kunemithetho okumele bayilandele ukuze umshado wabo uhambe kahle. Insizwa ikhetha intombi eyithandile, uma intombi ivumile iyabongwa ngesiphuzo esibandayo namakhekhe, konke lokhu kunikezwa umphathi wayo. Bese kuyahanjwa kuyocelwa ubuhlobo obuhle kubo kwentombi, kwendiwe bese insizwa nentombi baye kothola isibusiso enkosini eBuhleni ngokuthi bahlanganiswe ngokomshado kodwa basuke besazowuhlela umshado wabo omkhulu. Intombi nensizwa … Read more

Umhlangano Ka-Anna Ocwebileyo ebandleni lamaKhatholika

Isigaba somama bamaKhatholika sibizwa ngo-Anna, leligama lisuselwa egameni likanina kaMaria. Ukudumisa u-Anna Ocwebileyo kwaqala ngokuba kwakhiwe amasonto amabili aqanjwa ngokuthi i-St. Anna. Elinye lalamabandla laliseJerusalema, elinye lalise-Constantinople, lamabandla akhiwa ngeminyaka yawo-550. Lamabandla aba nomkhulu umfutho ngemiphumela uma kukhulekwa kuwo, ikakhulukazi uma kudunyiswa ngemikhosi yabazali bakaMaria. Ukudumisa u-Anna Ocwebileyo kwaqhubeka kwaze kwayofinyelela emazweni aseNtshonalanga, lapho kwafike … Read more

Umhlanganiso Ngokwebandla LamaNazaretha

Enkonzweni yamaNazaretha kunemithetho ebekelwe amakhosana (izinsizwa) kanye namakhosazane (izintombi). Uma beyiphulile leyomithetho bayahlawuliswa ngokuthi bangangeni ethempelini baze bahlambuluke ngendlela yaseKuphakameni. Inkosazane ayivumelekile ukuthi iqome kanye nenkosana nayo ayivumelekile ukuthi iqonywe kodwa kunendlela ebekiwe yokuthi baganane baze bashade besazigcinile. Uma kwenzekile bawephula lomthetho bayahlawuliswa ngendlela yaseKuphakameni. Lapha sibheka uma inkosazane noma inkosana iganwa umuntu ongakhonzi ebandleni … Read more

Ukwehlukana Kwezinkonzo Ebandleni LamaNazaretha

Inkonzo yamaNazaretha (Shembe) iyinkonzo ehlukanisile ngezigaba kanti futhi zonke izigaba kunezinsuku ezihlangana ngazo okuyizifungo zokudumisa njalo enyangeni. Kukhona amakhosikazi abizwa ngokuthi iNgudlungudlu, kube amakhosazane kanye namakhosana. Inkonzo Yamakhosazane Amakhosazane ahamba umhlangano obizwa ngokuthi u-25 njalo ngenyanga kusukela mhla zingamashumi amabili nane kuya mhla zingamashumi amabili nesithupha. Amakhosazane ayahlangana kulowomuzi kumbe ethempeleni lawo ukuyogcina isifungo sawo. Lapho … Read more

Ukuhlukana Ngezigaba Nendlela Yokugqoka KwamaNazaretha Uma Eya Enkonzweni

Enkonzweni yamaNazaretha kunendlela okugqokwa ngayo ngokwehlukana kwezigaba zakhona uma kuyiwa ezinkonzweni. Kunezigaba ezintathu: inhlalisuthi, amakhosazane kanye nomama. Inhlalisuthi Inhlalisuthi uma iya eSabatheni igqoka ibhulukwe elimnyama, ihembe elimhlophe kanye nokunye ngaphezu kwehembe, kungaba ibhantshi noma ijezi eliwuhafu ukuze ahlonipheke kahle. Uma kuyiSabatha inhlalisuthi kumele igqoke umNazaretha omude bese igqoka nomqhele ekhanda. Ngokomthetho inhlalisuthi kufanele ibhince uma … Read more