Isigaba somama bamaKhatholika sibizwa ngo-Anna, leligama lisuselwa egameni likanina kaMaria. Ukudumisa u-Anna Ocwebileyo kwaqala ngokuba kwakhiwe amasonto amabili aqanjwa ngokuthi i-St. Anna. Elinye lalamabandla laliseJerusalema, elinye lalise-Constantinople, lamabandla akhiwa ngeminyaka yawo-550. Lamabandla aba nomkhulu umfutho ngemiphumela uma kukhulekwa kuwo, ikakhulukazi uma kudunyiswa ngemikhosi yabazali bakaMaria.
Ukudumisa u-Anna Ocwebileyo kwaqhubeka kwaze kwayofinyelela emazweni aseNtshonalanga, lapho kwafike kwaba nelikhulu isasasa. Nakhona kwakhiwa amasonto, izikole, amakolishi, amanyuvesi, izibhedlela, izigodlo nokunye okuningi okwaqanjwa ngokuthi kuse St. Anna. Phela amakholwa amaningi abe ebona amandla ka-Anna Ocwebileyo.
Ibandla labeka umkhosi ka-Anna beno-Joachim abacwebileyo ngokomthetho waba ngomhlaka 9 kuSeptemba, manje seliba ngomhlaka 26 Julayi. Izifundo ezazisetshenziswa enkonzweni ngalemikhosi zazithathwa encwadini kaJames eyayibizwa ngokuthi i-Proto-Evangelium noma ingekho eBhayibhelini. Lokhu kwakwenzeka ikakhulukazi kuwona amasonto ayeqanjwe ngoSt. Anna njengelaseJerusalema nase-Constantinople.
ERome bake bazithulela kwangathi abazi ngo-St. Anna kwaze kwabakhona uPhapha Gregory XIII owaphatha kusukela ngonyaka ka 1572 kuya ku 1585, okuwuyena owabeka inkonzo yokudumisa u-Anna Ocwebileyo ngokomthetho ngoJulayi 26. Ngalesosikhathi u-Anna Ocwebileyo waduma kakhulu kwelaseFransi. Kunamuhla kunezindawo ezimbili ezinkulu lapho kubuthana izindimbane zamakholwa kuzodunyiswa u-Anna, njengoba sibona kwenziwa kwelakithi uma kudunyiswa uMaria koFatima, eNtshongweni naseKevelaer.
Inkulumo Ekhulunywa no-Anna Ocwebileyo
‘Anna omuhle othandekayo, wena ungomunye wabacwebileyo abathandwa uNkulunkulu kakhulu eZulwini, nothandwa ibandla eliseZulwini nelisemhlabeni. UButhathu buyakuthanda, izingelosi ziyakuthanda, abacwebileyo bonke bayakuthanda, uyinkosazana yeZulu, ungumkhulumeli wezoni. Kwaba isifiso sikaJesu Kristu ukuba sikudumise. UJesu akakwazi ukukhohlwa nguwe owamlethela uMaria iVirigo, unina amthanda kangaka. Kanjalo ke akasoze akudumaza nanini lapho usicelela kuye. Sikhulekele Anna omuhle ocwebile, usicelele kuNkulunkulu ngoba usabonisa ukuthi uyakulalela, akuphendule lapho ucela kuye.
Inovena ka-Anna Ocwebileyo
Inovena umkhuleko uma kukhulekelwa into ethize, kungaba ukucela, ukubonga okuthile noma ukukhulekela isehlakalo esithile njalonjalo. Inovena ingathatha isikhathi esingangezinsuku noma amasonto noma izinyanga okanye iminyaka. Konke lokhu kufanele ukuba kube yisishiyagalolunye. Kungabi khona ukunqamuka noma ukuhlukana okuthile phakathi kwako. Ebandleni kuvamise ukuthi kube khona inovena ebhekiswe kwabacwebileyo abathile. Miningi imikhulelo namazwi angasetshenziswa uma kukhulekwa inovena ka-Anna Ocwebileyo. Omama bebandla lamaKhatholika abangaphansi kuka-Anna bavatha izivatho zabo okuba yiziketi ezimnyama namabhantshi aluhlaza nezigqoko ezimnyama. Lomhlangano uvuleleke kwabesifazane abashadile kuphela.
Zanele Shange