Izigaba Zamakhosazane
Amakhosazane yizintombi zaseKuphakameni (Shembe)ezizigcinile ubuntombi bazo. Inkosazane iqala ukuba yinkosazane isencane lapho isuke isabizwa ngeSheshakungena futhi ingakathombi. Kunemikhosi yamakhosazane engahanjwa yiSheshakungena okuwumkhosi waseNkatheni nomkhosi waseZibukweni. Yomibili lemikhosi ihanjwa amakhosazane asemadala noma asethombile. Imikhosi yamakhosazane Umkhosi waseNkatheni uba njalo mhla ziyisikhombisa kuNtulikazi eBuhleni. Izintombi ziyahamba ziye eNtanda okuyindawo ekudebuduze naseBuhleni, leyondawo yanikezelwa kuMqali wendlela okungumholi wokuqala … Read more