Umshado Wentombi Nensizwa YaseNazaretha

Uma intombi nensizwa yaseNazaretha beganana kunemithetho okumele bayilandele ukuze umshado wabo uhambe kahle. Insizwa ikhetha intombi eyithandile, uma intombi ivumile iyabongwa ngesiphuzo esibandayo namakhekhe, konke lokhu kunikezwa umphathi wayo. Bese kuyahanjwa kuyocelwa ubuhlobo obuhle kubo kwentombi, kwendiwe bese insizwa nentombi baye kothola isibusiso enkosini eBuhleni ngokuthi bahlanganiswe ngokomshado kodwa basuke besazowuhlela umshado wabo omkhulu.

Intombi nensizwa bayavunula bahlobe ngokwesintu baye ethempelini lapho bezothola khona isibusiso, bafunge phambi kwezihlwele ukuthi bayathathana ngokomthetho wenkolo nokuthi bakulungele ukungena emshadweni omhlophe. Uma sebefungile bagide bethokoza ngosuku lwabo lwesibusiso. Bathola neziyalo zokuba balinde bangahlangani ize insizwa iphelelise umkayo ngokomthetho waseNazaretha. Intombi ihlangana nomyeni wayo uma isicoliwe yasina icece ekhaya kubokomyeni wayo. Izobe seyimbatha isembatho esiluhlaza emahlombe esikhombisa ukuthi ishade iyintombi nto.

English Summary
In the Nazareth Baptist Church (Shembe) way of life, a young man approaches the girl through her leader in church to ask for her hand in marriage. If the girl agrees, the young man will send biscuits and cool drinks to her. Then the procedure of sending a delegation to the girl’s home to ask for her hand in marriage begins. After this, the couple have to go to the main church or temple for blessings that they are both ready to be husband and wife and they are going to respect each other according to the laws of the church. This is done before the white wedding. On this day, they both have to wear their traditional attires. Getting these blessings does not permit them to engage in sexual activities, they are encouraged not to until all the proceedings are done. On the day of their wedding, the bride will dance in the yard of her husband’s home. She will be covered on her shoulders with a navy blue cloth to symbolise that she is a virgin.

By Zanele Shange

3 thoughts on “Umshado Wentombi Nensizwa YaseNazaretha”

  1. Hey thwre I amm so thrilled I found your web site, I realloy found yyou
    by error, whilee I was browsing onn Googfle ffor
    somethkng else, Anyways I am here noow andd would juszt like too say thanks a loot ffor a fantastic post andd a alll round
    enmjoyable blog (I aloso love thhe theme/design),
    I don’t have time tto browse it alll att thhe minute
    but I have saved iit and aso added inn your RSS feeds, sso whhen I hzve timke I wikll be bacdk
    tto read a lott more, Pllease ddo keep upp thee sperb work.

    Reply

Leave a Comment