Umhlanganiso Ngokwebandla LamaNazaretha

Enkonzweni yamaNazaretha kunemithetho ebekelwe amakhosana (izinsizwa) kanye namakhosazane (izintombi). Uma beyiphulile leyomithetho bayahlawuliswa ngokuthi bangangeni ethempelini baze bahlambuluke ngendlela yaseKuphakameni. Inkosazane ayivumelekile ukuthi iqome kanye nenkosana nayo ayivumelekile ukuthi iqonywe kodwa kunendlela ebekiwe yokuthi baganane baze bashade besazigcinile. Uma kwenzekile bawephula lomthetho bayahlawuliswa ngendlela yaseKuphakameni. Lapha sibheka uma inkosazane noma inkosana iganwa umuntu ongakhonzi ebandleni … Read more

Ukwehlukana Kwezinkonzo Ebandleni LamaNazaretha

Inkonzo yamaNazaretha (Shembe) iyinkonzo ehlukanisile ngezigaba kanti futhi zonke izigaba kunezinsuku ezihlangana ngazo okuyizifungo zokudumisa njalo enyangeni. Kukhona amakhosikazi abizwa ngokuthi iNgudlungudlu, kube amakhosazane kanye namakhosana. Inkonzo Yamakhosazane Amakhosazane ahamba umhlangano obizwa ngokuthi u-25 njalo ngenyanga kusukela mhla zingamashumi amabili nane kuya mhla zingamashumi amabili nesithupha. Amakhosazane ayahlangana kulowomuzi kumbe ethempeleni lawo ukuyogcina isifungo sawo. Lapho … Read more

Ukuhlukana Kokugida Uma Kushoniwe, Shembe

Inkolo yobuNazaretha inkolo ewagcinayo amasiko kakhulu futhi ekholelwa kuwona kakhulu. AmaNazaretha akholelwa kakhulu kubantu abangasekho noma amadlozi futhi bayibandla elikhulu. Uma kwenzekile kwabakhona ilunga lebandla elishonile kuba khona into amalunga ebandla avamise ukuyenza ngelanga lomlindelo. Ngosuku lomlindelo okuyaye kube wusuku olwandulela usuku lomngcwabo kuvamise ukuthi baligidele ilunga lebandla kodwa. Kunomgomo owaziwayo ukuthi uma kushone umama … Read more

The Shembe’s Rise to the Lord

Near Inanda, north of Durban, is a sacred site called Ekuphakameni, the ‘Place of Spiritual Upliftment’. It was named by Isaiah Shembe, prophet and founder of the Shembe Church. A major festival is held in mid-January at an equally sacred location, the mountain dubbed Nhlangakazi, some 30 kilometres north of Ekuphakameni. “Our pilgrimage to the … Read more

Izinkonzo Zesikhumbuzo Zabaholi BamaNazaretha

Ibandla lamaNazaretha liyinkolo yabantu bendabuko ehlanganisa ubuKhrestu nezinkolelo zendabuko ezavela kuMphrofethi uIsaiah Shembe okunguyena umqali webandla lamaNazaretha. Mhlazane inkosi yamaNazaretha uMphrofethi uIsaiah Shembe ekhotheme kwase kuhlala inkosi iLanga, ngosuku okwakhothama ngalo uMqali wendlela lwabe seluba usuku lwesikhumbuzo okuthi njalo uma kungumhla ziyishumi nesishiyagalolunye kuZibandlela (19 December) kulindwe ebandleni, bese kuba nenkonzo yokulinda kanye nokukhumbuzana ngemisebenzi … Read more

Izigaba Zamakhosazane

Amakhosazane yizintombi zaseKuphakameni (Shembe)ezizigcinile ubuntombi bazo. Inkosazane iqala ukuba yinkosazane isencane lapho isuke isabizwa ngeSheshakungena futhi ingakathombi. Kunemikhosi yamakhosazane engahanjwa yiSheshakungena okuwumkhosi waseNkatheni nomkhosi waseZibukweni. Yomibili lemikhosi ihanjwa amakhosazane asemadala noma asethombile. Imikhosi yamakhosazane Umkhosi waseNkatheni uba njalo mhla ziyisikhombisa kuNtulikazi eBuhleni. Izintombi ziyahamba ziye eNtanda okuyindawo ekudebuduze naseBuhleni, leyondawo yanikezelwa kuMqali wendlela okungumholi wokuqala … Read more