Inun’ Emnyama II

Sisekuyo lendaba kaSomahhashi, kuhle sikuveze ukuthi ukudlula kwakhe emhlabeni kuhlabe kwaphukela kuthina balandeli bomculo wesintu, nosekusenze salahlekelwa yithemba thina balandeli balomculo futhi kwacacisa bha! ukuthi kushuthi alikho iciko lalomculo elizogugela kuwona njengoba engasabaleki amaciko akithi asendile singakashayi isikhathi. Njengoba nensizwa eyasebenza kakhulu noMbomvu uMgqumeni naye washeshe wasishiya emhlabeni. Inun’ Emnyama igqame emculweni kaMaskandi isebenzisana nensizwa … Read more

Inunu Emnyama

Ukuphuma kwelanga ekuseni kuveza ubuhle bezwe, kukhala izinyoni zitshikoza, ziculela ukubona ubuhle bezwe, kwename namathole etshakadula, kanti ke nathi thina bantu sithokozela ukubungaza impilo ngobumnandi bayo kanye nesilethela khona. Kodwa ke futhi ukusa akugcini ngokuphuma kwelanga, ngoba siyavuka ekuseni izulu lidinwe liveva, libafazi bedube inyama. Injabulo yokuphuma kwelanga iphikiswa izinyembezi ezifika nokuduma kwezulu, kuqhume isililo … Read more

Usiko Lokugezwa Kwentombazane Eshonelwe

Ngokwesiko lesiZulu kulihlazo ukutholakala komntwana ngaphandle komshado. Uma kwenzekile intombazane yamthola yabe isiba neshwa lokuthi umntwana adlule emhlabeni noma aphuphunyelwe isisu, kumele intombazane igezwe kususwe ithunzi elibi. Uma ingagezwanga kunenkolelo yokuthi iba namabhadi ingalungelwa lutho empilweni, konke ekuzamayo akuphumeleli ngenxa yesinyama esuke ihamba naso. Kugezwa kanjani Intombazane kufanele igezwe kubo kamfana oyikhulelisile kuqala, iphinde igezwe … Read more

Umsebenzi Wokubuyisa Umuntu Ongasekho

Ngemuva kwesikhathi esingangonyaka noma iminyaka emibili umnumzane noma umama wekhaya eshonile, kwenziwa umsebenzi wokumbuyisa ngokosiko lwesintu. AmaZulu akholelwa ukuthi lapho kusuke kubekwe khona umuntu emathuneni usuke esagciniwe okwesikhashana ngaphambi kokuba ahlangane namanye amathongo noma amadlozi. Usuke engakalungiswa, kumele enzelwe umsebenzi agezwe, kuyima ehlanganiswa nomndeni wakhe. Umsebenzi wokubika Uma kuzokwenziwa lomsebenzi umndeni kufanele uqale ubikele amathongo noma … Read more

Ukuzilelana Kwabantu Besifazane Abasesithenjini

Ukuzila uma kushoniwe kuwusikompilo lwabantu abathile abamnyama. Imindeni iyahlukana ngendlela ezila ngayo. Lapha sizobheka okwakwenziwa ngabantu uma beganele esithenjini. Esikhathini sakudala umuntu wesifazane uma eganile wayehlala ekhaya akhulise izingane kuthi umyeni wayo asebenzele umndeni. Ukuzilelana kwakwenzeka uma omunye wabantu besifazane isimo siphoqa ukuthi ashiye ekhaya ayosebenza edolobheni. Lokhu wayekwenza ngokuxhumana nomndeni wonke ukuthola imvume yokuthi … Read more

Ukukhunyulwa Kwenzila Ekhaya

Umsebenzi wenziwa uma umuntu wesifazane ekhumula inzila yokushonelwa ngumkhwenyana noma ngumyeni wakhe. Uma umuntu wesifazane eshonelwe indoda yakhe abekade eshade nayo uyazila isikhathi esingangezinyanga eziyishumi nambili noma unyaka wonke enzela ukuhlonipha indoda yakhe. Nezingane ziyazila zizilela ubaba wazo kanye nabazukulu ngokunjalo. Kodwa izingane zona zizila isikhathi esifishane kunesikamama kuye ngokuthi umndeni wona ugcina siphi isikhathi. … Read more