Dear Nhlupheko Yami

Imbongi uMsizi Dlamini wasendaweni yaseMagabheni eNingizimu yeTheku ishichilele inkondlo lapho ikhuluma ngosizi ebhekene nalo. Isho ngeqholo ngobuciko ithi iyazihlukanisa nenhlupheko. Ngokulalela le nkondlo kucace bha ukuthi imbongi ikhule kanzima, ngendlela edabukisayo. Ukulahlwa, ukugconwa, usizi, ukubukeleka phansi, kanye nezinkinga ezibukeka sengathi azipheli yinto esihlasele imbongi isikhathi eside. Kule nkondlo, imbongi ibika ukuthi ibhekisa amehlo ayo kuMvelingqangi … Read more

USolwazi Keorapetse William Kgositsile

Usolwazi Keorapetse William Kgositsile, owaziwa ngelika Bra Willie wazalwa ngomhlaka-19 Septhemba 1938, wayeyimbongi yase Ningizimu Afrika, emgumTswana (South African Tswana poet) , intatheli nesishoshovu sezepolitiki. Ilungu elinethonya le-African National Congress ngeminyaka yama-1960 kanye nayo-1970, wagcotshwa njengoMhlonishwa Wezimbongi Zikazwelonke waseNingizimu Afrika ngo-2006. UKgositsile waklonyeliswa njengowathola umklomelo ngo-2006, ngemuva kokushona kukaMazisi Kunene. Naphezu komsebenzi omude futhi onomdlandla … Read more

Ngibuyise emuva

Lapha ngezansi ngifake umqopho lapho khona imbongi uThembalethu Ntuli ekhuluma ngezinsuku lapho abantu abamnyama babengenakusaba ngebala labo. Lapho isikhumba sabo sasingabiki izingqinamba okuthi kuyomele babhekane nazo imihla yonke yokuphila kwabo. Kule nkondlo lentokazi eyisho ngesiNgisi, ifisa ukuphindela lapho inhlonipho yayiqagelwa noma ingafiswa ngoba iyisikompilo, iyinto elindekile, ejwayelekile futhi eyenziwa njalo. Le ntokazi ithi uma ihaya, … Read more

Impi yomuntu wesifazane

Ngeshwa iNingizimu Afrika yizwe lapho isimo senhlalo sabantu besifazane singagculisi. Kwazise ezweni lethu izinga lodlame olubhekiswe kwabesimame ikakhulukazi yilabo abathandana nabo lidlangile, ukudlwengulwa kwabo kanye nezingane insakavukela umchilo wesidwaba kanti usamningi umsebenzi okumele wenziwe ukuze bathole inhlonipho nokuthenjwa okunikwa abantu abesilisa uma kukhulunywa ngezobuholi kanye nokudlala indima emnothweni. Lapha ke ngifake umqopho wembongi uThembalethu Ntuli … Read more

Thando

Thando vela ngamandla. Intando yakho mayigqame manje. Sondela ezweni. Isimo somhlaba sibiza isisombululo esingalethwa nguwe kuphela.   Thando, dlinza uhlale esihlalweni sakho sobukhosi, Ubuse umhlaba.   Inhlonipho iya ngokunyamalala. Amanyala ayanda, Ihlazo liya ngokujwayeleka. Ukuthula, uzwelo nokuzwana sekwaguquka amaphupho andizela phezulu kubantu njengokhozi.   Awu! Ngeke, Phela! Vela manje, Thando.   Nakuba ubumnyama bukhungatha umhlaba, … Read more

Keorapetse William Kgositsile

Keorapetse William Kgositsile, also known by his pen name Bra Willie was born in 19 September 1938 , was a South African Tswana poet, journalist and political activist. An influential member of the African National Congress in the 1960s and 1970s, he was inaugurated as South Africa’s National Poet Laureate in 2006. Kgositsile was awarded … Read more