Dear Nhlupheko Yami

Imbongi uMsizi Dlamini wasendaweni yaseMagabheni eNingizimu yeTheku ishichilele inkondlo lapho ikhuluma ngosizi ebhekene nalo. Isho ngeqholo ngobuciko ithi iyazihlukanisa nenhlupheko. Ngokulalela le nkondlo kucace bha ukuthi imbongi ikhule kanzima, ngendlela edabukisayo. Ukulahlwa, ukugconwa, usizi, ukubukeleka phansi, kanye nezinkinga ezibukeka sengathi azipheli yinto esihlasele imbongi isikhathi eside. Kule nkondlo, imbongi ibika ukuthi ibhekisa amehlo ayo kuMvelingqangi … Read more

Ubonile Ubusha Bami

Lapha ngezansi ngifake i-video kaMsizi Dlamini, umuntu omusha waseMagabheni, eNingizimu yeTheku. Ngobunono bolimi lwesiZulu, uDlamini uzibeka ezicathulweni zomuntu onomlando obuhlungu bokuhlukunyezwa ebusheni bakhe. UDlamini udlulisa imizwa yomgilwa ngendlela ecacisela umbukeli ukuthi ukudlula esimweni sokuhlukunyezwa omunye umuntu yinto enzima ngakho-ke engenzeki kalula. Ekudluliseni lolu daba oluxoxa ngesimo esiyinsakavukela umchilo wesidwaba eNingizimu Afrika, uMsizi ukhashwa umzwilili wentokazi … Read more