Lapha ngezansi ngifake umqopho lapho khona imbongi uThembalethu Ntuli ekhuluma ngezinsuku lapho abantu abamnyama babengenakusaba ngebala labo. Lapho isikhumba sabo sasingabiki izingqinamba okuthi kuyomele babhekane nazo imihla yonke yokuphila kwabo.
Kule nkondlo lentokazi eyisho ngesiNgisi, ifisa ukuphindela lapho inhlonipho yayiqagelwa noma ingafiswa ngoba iyisikompilo, iyinto elindekile, ejwayelekile futhi eyenziwa njalo. Le ntokazi ithi uma ihaya, ifisa ukuphindela lapho izinsizwa zazinamazwi okushela, hhayi lento yesimanje yokuzama ukuhlanganisa ubudlelwano ngezinkundla zokuxhumana.
Le ntokazi iyazihalela lezo zikhathi lapho umuntu izithakezelo zakhe wayezicula ngoba ekhuliswe ngokuwazi umndeni futhi nomndeni umendlalelile imfudumalo yokuphila.
Ewu, le ntokazi ifisa isikhathi lapho usiko lwalaziwa khona.
Awuke ulalele:
Brief Overview
This article gives prominence to a spoken-word performance of Ms. Thembalethu Ntuli, a Durban-based poet who invokes a sense of pride in one’s heritage. In the audio file, Ms. Ntuli mostly recites her poem in English and thus the article has translated the overview of the poem in IsiZulu in order to relate the performance better to the Ulwazi Programme audience, which the author feels would greatly appreciate the message of the poem. The performance was recorded on August 28, 2018.