Ngibuyise emuva

Lapha ngezansi ngifake umqopho lapho khona imbongi uThembalethu Ntuli ekhuluma ngezinsuku lapho abantu abamnyama babengenakusaba ngebala labo. Lapho isikhumba sabo sasingabiki izingqinamba okuthi kuyomele babhekane nazo imihla yonke yokuphila kwabo. Kule nkondlo lentokazi eyisho ngesiNgisi, ifisa ukuphindela lapho inhlonipho yayiqagelwa noma ingafiswa ngoba iyisikompilo, iyinto elindekile, ejwayelekile futhi eyenziwa njalo. Le ntokazi ithi uma ihaya, … Read more

Ithemba lisekhona

Abantu abaningi bake bakhale ngokuthi ngokuhamba kwesikhathi, intshisekelo yokuzigqaja ngobuzwe bethu izokwehla futhi ulimi lethu liyogcina lishabalele ngenxa yokuhamba kwesikhathi nokwanda kokusetshenziswa kolimi lwesiNgisi ngesizwe sikaPhunga noMageba. Kepha mina ngiyakholelwa ekutheni lokhu ngeke kwenzeke uma thina esisaphila senza konke okusemandleni ethu ukudlulisela usikompilo nolimi lwethu olumnandi esizukulweni esincane. Into enhle nje ukuthi lokhu kulula futhi … Read more

Impi yomuntu wesifazane

Ngeshwa iNingizimu Afrika yizwe lapho isimo senhlalo sabantu besifazane singagculisi. Kwazise ezweni lethu izinga lodlame olubhekiswe kwabesimame ikakhulukazi yilabo abathandana nabo lidlangile, ukudlwengulwa kwabo kanye nezingane insakavukela umchilo wesidwaba kanti usamningi umsebenzi okumele wenziwe ukuze bathole inhlonipho nokuthenjwa okunikwa abantu abesilisa uma kukhulunywa ngezobuholi kanye nokudlala indima emnothweni. Lapha ke ngifake umqopho wembongi uThembalethu Ntuli … Read more

Lerato Sokhulu – Our Monsters

ULerato Sokhulu uyimbongi ezinze eThekwini ngokuhlala. Kungashiwo nje kugcwale umlomo ukuthi ubudlelwano bobuciko noNkosazana Sokhulu bunesisekelo sentando. Kwazise phela ukuthi lentokazi iphinde isebenze njengomsakazi kwesinye seziteshi ezinkulu kwaZulu-Natal, ingumlingisi iphinde ibe futhi umbhali. Wena ofunda le ndatshana, awuke usondele ulalele le ntokazi ishaya inkondlo ngolimi lasemzini lapho khona ixoxa ngendaba ethinta intsha eningi yaseNingizimu Afrika. … Read more

Izibongo zabashadikazi

Ulwazi Programme lwabhala ngokubongela ngonyaka ka-2015, bheka kule-link uma ufuna ukufunda kabanzi. Kule-video engezansi, sibona imbongi ibongela abashadikazi osukwini lwabo lomshado. Inkondlo yembongi: Inamandla! Yabona kukuhle ukuthi indoda ibe nomsizi wayo, Ngalawa maringi lawa, kunezivumelwano ezinhle. Yebo yaqala impilo entsha, Yajabula eyakwethu. Zagiya ezakwaShange zathi, umakoti ungowethu, Uzosiwashela asiphekele! Konke okuhlanganiswe nguNkulunkulu kuhle Futhi akunakuhlukaniswa … Read more

Izimbongi

Izimbongi Izimbongi abantu abanobuciko ngendlela yokubeka inkulumo ngendlela ehehayo, enoju futhi enongayo. Izimbongi ziloba, ziphinde zihaye ngezinto noma ngezigameko ezenzekayo ngoba zinemvume yokukhuluma iqiniso noma ngabe lilumela kanjani. Izimbongi imilando yamakhosi kuqala beziyazi ngekhanda nezigameko zamakhosi, okusuka ekukhuleni kwawo kuze kuye ekuphatheni kwawo, lokho bekwenza zikwazi ukubongela lamakhosi uma zigedeza ngawo. Kuningi obekwenziwa izimbongi emandulo … Read more