Ngibuyise emuva

Lapha ngezansi ngifake umqopho lapho khona imbongi uThembalethu Ntuli ekhuluma ngezinsuku lapho abantu abamnyama babengenakusaba ngebala labo. Lapho isikhumba sabo sasingabiki izingqinamba okuthi kuyomele babhekane nazo imihla yonke yokuphila kwabo. Kule nkondlo lentokazi eyisho ngesiNgisi, ifisa ukuphindela lapho inhlonipho yayiqagelwa noma ingafiswa ngoba iyisikompilo, iyinto elindekile, ejwayelekile futhi eyenziwa njalo. Le ntokazi ithi uma ihaya, … Read more

Ubonile Ubusha Bami

Lapha ngezansi ngifake i-video kaMsizi Dlamini, umuntu omusha waseMagabheni, eNingizimu yeTheku. Ngobunono bolimi lwesiZulu, uDlamini uzibeka ezicathulweni zomuntu onomlando obuhlungu bokuhlukunyezwa ebusheni bakhe. UDlamini udlulisa imizwa yomgilwa ngendlela ecacisela umbukeli ukuthi ukudlula esimweni sokuhlukunyezwa omunye umuntu yinto enzima ngakho-ke engenzeki kalula. Ekudluliseni lolu daba oluxoxa ngesimo esiyinsakavukela umchilo wesidwaba eNingizimu Afrika, uMsizi ukhashwa umzwilili wentokazi … Read more

Impi yomuntu wesifazane

Ngeshwa iNingizimu Afrika yizwe lapho isimo senhlalo sabantu besifazane singagculisi. Kwazise ezweni lethu izinga lodlame olubhekiswe kwabesimame ikakhulukazi yilabo abathandana nabo lidlangile, ukudlwengulwa kwabo kanye nezingane insakavukela umchilo wesidwaba kanti usamningi umsebenzi okumele wenziwe ukuze bathole inhlonipho nokuthenjwa okunikwa abantu abesilisa uma kukhulunywa ngezobuholi kanye nokudlala indima emnothweni. Lapha ke ngifake umqopho wembongi uThembalethu Ntuli … Read more

Phansi Ngokushaya Abantu Besifazane

Minyaka yonke, njalo ngomhlaka-25 kuLwezi kuya kumhlaka-10 kuZibandlela, umhlaba wonke usuke ubungaza umkhankaso obizwa ngokuthi i-16 Days of Activism Against Gender-Based Violence. Ezweni lethu iNingizimu Afrika, lo mkhankaso waziwa ngokuthi i-16 Days of Activism for No Violence against Women and Children Campaign. Inhloso yalo mkhankaso wukuqwashisa umphakathi nokulwa nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane. Ngeshwa-ke, i-Ningizimu Afrika … Read more