Dear Nhlupheko Yami

Imbongi uMsizi Dlamini wasendaweni yaseMagabheni eNingizimu yeTheku ishichilele inkondlo lapho ikhuluma ngosizi ebhekene nalo. Isho ngeqholo ngobuciko ithi iyazihlukanisa nenhlupheko. Ngokulalela le nkondlo kucace bha ukuthi imbongi ikhule kanzima, ngendlela edabukisayo. Ukulahlwa, ukugconwa, usizi, ukubukeleka phansi, kanye nezinkinga ezibukeka sengathi azipheli yinto esihlasele imbongi isikhathi eside. Kule nkondlo, imbongi ibika ukuthi ibhekisa amehlo ayo kuMvelingqangi … Read more

Uthando

Uthando luyimvelo. Uthando luyamangaza. Uthando luyabekezela. Uthando luhle futhi lulungile luze lukhuthazwe incwadi engcwele. Ukushodelwa wuthando kuvame ukuba nomthelela omubi empilweni yomuntu. Lokhu kusicacela imihla nemihla. Iqhawe laseNingizimu Afrika uNelson Mandela naye waze waphimisa wathi uthando lufika kalula enhliziyweni yomuntu. Asivume ukuthi uthando lumelwe wukugujwa nokunakekelwa. Ngale misho, ngethula inkondlo ka-Anele Buthelezi waseHammarsdale, lapho khona … Read more

Ngibuyise emuva

Lapha ngezansi ngifake umqopho lapho khona imbongi uThembalethu Ntuli ekhuluma ngezinsuku lapho abantu abamnyama babengenakusaba ngebala labo. Lapho isikhumba sabo sasingabiki izingqinamba okuthi kuyomele babhekane nazo imihla yonke yokuphila kwabo. Kule nkondlo lentokazi eyisho ngesiNgisi, ifisa ukuphindela lapho inhlonipho yayiqagelwa noma ingafiswa ngoba iyisikompilo, iyinto elindekile, ejwayelekile futhi eyenziwa njalo. Le ntokazi ithi uma ihaya, … Read more

Ithemba lisekhona

Abantu abaningi bake bakhale ngokuthi ngokuhamba kwesikhathi, intshisekelo yokuzigqaja ngobuzwe bethu izokwehla futhi ulimi lethu liyogcina lishabalele ngenxa yokuhamba kwesikhathi nokwanda kokusetshenziswa kolimi lwesiNgisi ngesizwe sikaPhunga noMageba. Kepha mina ngiyakholelwa ekutheni lokhu ngeke kwenzeke uma thina esisaphila senza konke okusemandleni ethu ukudlulisela usikompilo nolimi lwethu olumnandi esizukulweni esincane. Into enhle nje ukuthi lokhu kulula futhi … Read more

Inkondlo Yokusola

Iningi labazali ba bantu abamnyama abanayo imfundo nengcebo eningi ebalekelela ekukhuliseni imindeni yabo. Impela, izingane eziningi zebala elinsundu zizalwa ngabantu abasebenza emakhishini nasezingadini. Uma kungenjalo zikhuliswa abazali abaziphilisa ngokudayisa izitshalo nemfuyo noma abadayisi basemigwaqeni. Ukusondelana kobumpofu nesizwe esimnyama akulona iphutha noma ubudomu babantu abamnyama kepha isimo somlando wezwekazi i-Afrika. Yize lokhu kushintsha kancane-kancane ngokuhamba kwesikhathi, … Read more

Izincwadi zomthandi wezinkondlo

Ulimi liyathuthuka futhi likhule uma abaninilo belusebenzisa njalo ngokuziqhaza. Ezinye zezindlela ezikhombisa ukuthanda ulimi ukubhala ngalo. Ukuloba izinkondlo ke ziyingxenye zezindlela ezisetshenziswayo ngokuziqhaza futhi ezithuthukisa ulimi. Kulendatshana siqhakambisa izincwadi ezingamaqoqo ezinkondlo ezinothisa ulimi lwesiZulu. Into enhle ngalezincwadi ezingezansi ukuthi zingatholakala kalula emtapweni yolwazi kaMasipala weTheku. Imibengo – A.T. Mtshali, E.T.Z. Mthiyane Ngokusho kwabahleli, leli qoqo … Read more