Ubonile Ubusha Bami

Lapha ngezansi ngifake i-video kaMsizi Dlamini, umuntu omusha waseMagabheni, eNingizimu yeTheku. Ngobunono bolimi lwesiZulu, uDlamini uzibeka ezicathulweni zomuntu onomlando obuhlungu bokuhlukunyezwa ebusheni bakhe. UDlamini udlulisa imizwa yomgilwa ngendlela ecacisela umbukeli ukuthi ukudlula esimweni sokuhlukunyezwa omunye umuntu yinto enzima ngakho-ke engenzeki kalula. Ekudluliseni lolu daba oluxoxa ngesimo esiyinsakavukela umchilo wesidwaba eNingizimu Afrika, uMsizi ukhashwa umzwilili wentokazi … Read more

Impi yomuntu wesifazane

Ngeshwa iNingizimu Afrika yizwe lapho isimo senhlalo sabantu besifazane singagculisi. Kwazise ezweni lethu izinga lodlame olubhekiswe kwabesimame ikakhulukazi yilabo abathandana nabo lidlangile, ukudlwengulwa kwabo kanye nezingane insakavukela umchilo wesidwaba kanti usamningi umsebenzi okumele wenziwe ukuze bathole inhlonipho nokuthenjwa okunikwa abantu abesilisa uma kukhulunywa ngezobuholi kanye nokudlala indima emnothweni. Lapha ke ngifake umqopho wembongi uThembalethu Ntuli … Read more