AmaNoveli esiZulu

Iningi lababhali bamanoveli esiZulu abantu abanamakhono amangazayo kodwa iningi labo bavame ukungabi nokwesekwa ezweni lethu uma beqhathaniswa nabezizwe. Lokhu kuyingozi ekuthuthekeni nasekukhuleni kolimi lwesiZulu. Ulimi lwesiZulu lunothile futhi lumnandi. Lapha ngaphansi sifake izithombe namagama amanoveli esiZulu akhombisa lobu buhle, futhi aqhakambisa namakhono abalobi besizwe samaZulu. Imiyalezo – M.J. Mngadi Le noveli idingida izihloko ezisemqoka emlandweni … Read more

Izincwadi zomthandi wezinkondlo

Ulimi liyathuthuka futhi likhule uma abaninilo belusebenzisa njalo ngokuziqhaza. Ezinye zezindlela ezikhombisa ukuthanda ulimi ukubhala ngalo. Ukuloba izinkondlo ke ziyingxenye zezindlela ezisetshenziswayo ngokuziqhaza futhi ezithuthukisa ulimi. Kulendatshana siqhakambisa izincwadi ezingamaqoqo ezinkondlo ezinothisa ulimi lwesiZulu. Into enhle ngalezincwadi ezingezansi ukuthi zingatholakala kalula emtapweni yolwazi kaMasipala weTheku. Imibengo – A.T. Mtshali, E.T.Z. Mthiyane Ngokusho kwabahleli, leli qoqo … Read more

Isikhathi Samanje Sibiza Inguquko Endleleni Esibhala Ngayo

Kulesonto eledlule, ngike ngavakashela umcimbi obizwa ngokuthi i-“Time of the Writer“. Lo mcimbi, owenzeka njalo ngonyaka eThekwini, ongeminye emikhulukazi eNingizimu Afrika egqugquzela ukufunda nokukhiqiza imibhalo nezincwadi. Umngani wami ebengihambe naye, ukhale ngokuthi cishe bonke abantu abebeveza izincwadi zabo babhala ngesiNgisi. Empeleni akekho noyedwa ambonile obhala ngolimi lwebele lase-Afrika. Umngani wami ube seyaqhubeka wangitshela ukuthi usiko … Read more