Ungaduki elokishini

Impilo yaselokishi bathi imnandi ayifani neyasedolobheni. Kwesinye isikhathi uye ubone sengathi izinto zenziwa ngokufana kepha uma usubhekisisa ubone umehluko lapha nalaphaya. Ukugibela amatekisi impilo yemihla ngemihla emalokishini ngisho ungaya kwesiphi isifundazwe eMzansi. Ukumisa noma ukusayinela itekisi kungayinto ongayinaki kepha ungazithola usudukile noma ususendaweni obungaqondile ukuya kuyona uma uphambanisa amasayini/ indlela yokumisa. Lokhu into ongayithatha kancane … Read more

ITownship renewal: KwaMashu

Amalokishi amaningi aseThekwini ayalungiswa ngaphansi kohlelo olubizwa ngokuthi iTownship renewal: developing KwaMashu. Kusuka ngonyaka ka-2016 uMasipala weTheku uzibophezele ekulungiseni indawo yaKwaMashu ngokulungisa izindawo okubalwa kuzo iKwaMashu Station Traders Market, Inanda kanye neNtuzuma. Ukulungiswa kwalendawo yakwaMashu kufaka nokulungiswa komgwaqo obizwa ngokuthi uMalandela Road, wona oqalwe kabushwa ukulungiswa baphinde bakha nendawo yokuhamba kwamabhasi iGo Durban la azothatha … Read more

Izindawo zobumnandi elokishini

Kuphi naphi uma wazi impilo yase lokishini ungavuma ukuthi abukho umnandi obungafaniswa nolobo basemalokishini. Beka eceleni izindawo ezinjengo Max’s Lifestyle neYadini, asibheke ezinye izinyawo ezithandwayo zobumnandi. Kulesi siqeshana sibheka kafushane izindawo ongazivakshela emalokishini eTheku. Yize ziningi izindawo zeshisanyama kepha ngizokhetha izindawo ewu-5 ongazivakashela emalokishini uthokozele ubumnandi. Wiseman’s Car Wash and Shisanyama Ntunjambili Roof Top Mojo’s … Read more

Umlando waKwaMashu

IKwaMashu ingelinye lamalokishi okuqala aseThekwini. Yasungulwa ngo-1959 ngenxa ye-Group Areas Act. Iningi labantu abahlala ngaphakathi kwemingcele yakwaMashu badabuka eMkhumbane (Cato Manor). Abantu basuswa eMkhumbane ngesikhathi sikahulumeni wobandlululo ngeminyaka yama-1950. I-Group Areas Act kwakuwuhlelo olwalusetshenziswa nguhulumeni wobandlululo ukuhlukanisa amaNdiya, amaKhaladi kanye nabantu base-Afrika ababehlala ndawonye ezindaweni ezifana naseMkhumbane eThekwini, eSophiatown, eGoli naseDistrict Six, eKapa. Ngaphambi kokusungulwa … Read more

Ithemba lisekhona

Abantu abaningi bake bakhale ngokuthi ngokuhamba kwesikhathi, intshisekelo yokuzigqaja ngobuzwe bethu izokwehla futhi ulimi lethu liyogcina lishabalele ngenxa yokuhamba kwesikhathi nokwanda kokusetshenziswa kolimi lwesiNgisi ngesizwe sikaPhunga noMageba. Kepha mina ngiyakholelwa ekutheni lokhu ngeke kwenzeke uma thina esisaphila senza konke okusemandleni ethu ukudlulisela usikompilo nolimi lwethu olumnandi esizukulweni esincane. Into enhle nje ukuthi lokhu kulula futhi … Read more

KwaMashu: Moving Forward

The township of KwaMashu is named after Sir Marshall Campbell (1848-1917), the farmer who owned the land on which KwaMashu now stands. But things in the area have changed significantly since the days when sugar cane was farmed on the land – KwaMashu was one of Durban’s first townships to emerge in the 1950s with the implementation of the … Read more