Amagama esintu okubizwana ngawo

IsiZulu wulimi olujulile futhi ngendlela olunonophele ngayo luze lubonakale nasendleleni esibizana ngayo ukuveza inhlonipho nezinga lalowomuntu esisuke sikhuluma ngaye noma naye ngalesosikhathi. Amagama okubizwana ngawo aveza ubulili, ubudlelwane obakhekile, nalowo obizwayo ukuthi isikhundla anaso noma ingxenye anayo emndenini noma emphakathini. Lezindlela zokubizana zazidala ukuhloniphana, ukubumbana nokuthandana kubantu. Kwenza ukusondelana kwabantu ngemindeni nangokuzalwa kokulamana futhi. Lamagama ayasetshenziswa futhi ukukhomba indlela umuntu ayiyo nangokwenza izinto ngayo: Izibonelo Inono: umuntu othanda ukuhlanzeka. Inuku: umuntu ongathandi ukuhlanzeka. Isoka: Insizwa enogazi ezintombini, kanjalo kanjalo. Ayakhomba futhi isimo somuntu kanjena: Inyumba: Umuntu wesifazane ongabatholi abantwana. Umfowethu: insizwa engizalwa nayo kubaba nomama Udadewethu: intombazane engizalwa nayo kubaba nomama Umafungaswe: Intombazane endala ekhaya Inkosana: Umfana omdala ekhaya Umagcino: Ingane yokugcina ekhaya Umama: Umuntu wesifazane onabantwana Ubaba: Umuntu wesilisa onabantwana Umalume: Umuntu wesilisa ozalwa nomama Umalumekazi: Umuntu wesifazane oshade nomfowabo kamama (umalume) Umama omkhulu/omdala: Umuntu wesifazane ozalwa nomama omdala ezintombini (noma umuntu oshade nomfowabo kababa omdala) Umama ophakathi: Udade wakubo kamama ozalwa phakathi nendawo emantombazaneni (noma umuntu oshade nomfowabo kababa ophakathi) Umama omncane: Udade wakubo kamama omncane kunomama (noma umuntu oshade nomfowabo kababa omncane) Ubaba omdala: Umfowabo kababa omdala ezinsizweni zakubo Ubaba ophakathi: Umfowabo kababa ophakathi ezinsizweni zakubo Ubaba omncane: Umfowabo kababa omncane ezinsizweni zakubo Umzala: Ingane ezalwa umalume Ukanina: Ingane ezalwa udade wakubo kamama Ukayise: Ingane ezalwa umfowabo kababa Umnawethu: Umfowethu omncane Umnewethu: umfowethu omdala Umkhulu: Ikhehla elizala ubaba noma umama. Ukhulu: Isalukazi esizala ubaba. Ugogo: Isalukazi esizala umama Iqhikiza: Intombi ebhekelela ukukhula nokuziphatha kwezintombi ezisencane. Isoka: Insizwa enogazi ezintombini Isishimane: Insizwa enesinyama ezintombini (uvula avale). Umlingani: Abantu abaganiselene By: Mbusiswa Zuma

Funda okunye

18 thoughts on “Amagama esintu okubizwana ngawo”

  1. Muhle umsebebzi siyabonga ngemfundo mayela nolwimi lwethu lwesizulu. Mina ngicela ukwazi ukuthi umkhulu kababa noka mama wami ngimbiza ngokuthini mina

    Reply
  2. ngicela ukwazi ukuthi ubizwa ngani u Sisi ozalwa nobaba ongizalayo?
    uSisi ozalwa nobaba omdala?
    uSisi ozalwa nobaba omncane ?

    Reply

Leave a Comment