Voshoka nge-Gqom

Umdanso ekuthiwa iGqom sesike sabhala ngawo, njengohlobo lomculo nomdanso olushisa izikhotha eNingizimu Afrika , owaqala emalokishini aseThekwini nasesifundazweni saseMpumalanga Kapa. Lapha sifake i-video yebhungu laseThekwini idansela umculo weGqom, yenza iVosho, umdanso odume kakhulu eNtsheni yaseNingizimu Afrika. Awuke uzibukele. Article overview The article is about one of the most popular street dance styles in South African … Read more

Ihlahla likaZibandlela

Ihlahla lika Zibandlela Kwabaningi ezindaweni ezahlukahlukene, uZibandlela inyanga lapho besuke bethola isikhathi sokuhlala nomndeni bajabulele ukuba ndawonye njengoba abaningi behlala emadolobheni la abasebenzela khona. Miningi nemicimbi, imidlalo kanye nemibungazo ehlanganisa abantu eba khona, la kuhlangana khona abantu bazijabulisa beneme. Ngiselapho nje emidlalweni eba khona, ngithi ake sithi qephu qephu ngendaba yomdlalo ka Shameni noma wengoma … Read more

Gqom

I-Gqom uhlobo lomculo nolomdanso olushisa izikhotha eNingizimu Afrika yonke. Ngokubika kwabomlando, i-Gqom yaqumbuka emalokishini aseThekwini nasesifundazweni saseMpumalanga Kapa. Igqom iwuhlobo lwe-house music onesigqi esisheshayo. Igama elithi ‘igqomu’ lidala eThekwini – kanti lwaziwa njengegama elichaza ingoma emnandi yokuzijabulisa. Leli gama-ke lisanda kuduma kwezinye izinhlanga zaseNingizimu Afrika, emva kokusebenza kanzima kwabantu abasemukhakheni wezomculo ekwenzeni iGqom idume izwe … Read more

Isigenyane

Isigenyane olunye uhlobo lomgido wesintu. Isigenyane sehlukile kunezinye izinhlobo zemigido yesintu ezinjengendlamu, isicathamiya nengoma ngoba sona sigidwa amantombazane noma abantu besifazane kuphela. Ngaphansi kune-video ekhombisa wona lo mdanso, ngokuhlelwa kwawo uZoliswa Mchunu. Ngokugida okungezansi, uMa’Mchunu ubonga umama wakhe ngokumukhulisa. Le video ithetshulwe eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, eHoward College, eThekwini. Above is a video showing a performance of … Read more

Cha-cha in the hood

Into enhle ngobuciko ukuthi iphiwa noma ubani. Kulevidiyo sibona abantwana abancane basendaweni yaseMagabheni, eNingizimu yeTheku. Laba bantwana abawudansa kahle kangaka lo mdanso we cha-cha bafundiswa uSisi uDoris wasendaweni yakhona eMagabheni, ofundisa mahhala. Ngenkathi simbuza ukuthi yini ndaba esebenzisa isikhathi sakhe enikela ngethalente lakhe, uSis Doris wasitshela ukuthi: “Size lapha emhlabeni ukuzokwenza umehluko. Anginakho okuningi kepha … Read more

Indaba Yesicathulo – Gumboot Dance

Ziningi izinto abantu baseNingizimu Afrika abangaziqhenya ngazo.  Abantu baseNingizimu Afrika baziwa njengabantu abakwazi ukunqoba futhi bathole izizathu zokuncokola ukuze impilo iqhubeke phambili, yize bebhekene nezingqinamba. Ezinye zezinto abantu baseNingizimu Afrika abangaziqhenya ngazo umdanso obizwa ngokuthiwa ‘isicathulo’, phecelezi i-gumboot dance. Sekuyinto ejwayelekile ukubona abantu beshaye umfaniswano wabasebenzi basezimayini badansa lo mdanso, bedansela izivakashi zakumazwe angaphandle nezakuleli. … Read more