Imithetho Yokuhambela Imindeni Eshonelwe

Ezikhathini zakudala kwakungavamisile ukuthi kushonwe njengoba sekushonwa manje. Uma kwenzeka kwakuqabukela kushoniwe kulesosigodi futhi uma nje kwenzeka kwaba abantu ababili emizini ehlukene kwakuba indaba enkulu kubatshazwe noma kukhuzwe umhlola uma besho abantu abadala kwakukhuzwa ibhadi kukhalwe isililo esikhulu. Abantu bakuqala babeyisaba into ekuthiwa yibhadi kanye nomkhokha. Angiphathi khona uma kushone ingane kwakubatshazwa kakhulu ngoba kwakunenkolelo yokuthi kwakuhamba emhlabeni abantu abase bekhulile. Namuhla abantu sebefa sengathi izintuthwane.

Uma kwenzekile kwashona kabili esigodini esisodwa noma omakhelwane kwakungayiwa ngaleso sikhathi esisodwa kulemizi emibili okanye ilanga elilodwa kuthiwa kuyokhaliswa. Uma kwenzeka umuntu eyile wayobona kamakhelwane kwakufanele abuyele emzini wakhe angabe esaya ukuyobana komunye umakhelwane lapho kushonwe khona futhi. Ngisho wayengahlangana nabanye abantu bethi baya khona kwakungafanele ngoba wayesephuma esifweni vele sakomunye umuzi.

Wayeze aye ngakusasa ayababona nakhona ukuthi banjani, nalapho eyobabona kwakuphathwa okuthile umuntu wayengafiki elengise izandla. Nakhona uma usubuya awudluli kulomuzi ekushonwe khona. Uma ulalile khona wavuka ekuseni uzohamaba uye kwakho uqede usuku lonke uze uye ngakusasa komunye. Noma ngabe uvuke ekuseni kakhulu uya kwakho kodwa igama lithi ubuye esifweni. Lokhu kwakuthiwa kwenzelwa ukuvala umkhokha. Uma uya ezindaweni ezimbili ngelanga elilodwa uma umuntu esubuya lapho ubuya nomkhokha azowufaka kwakhe kanye namabhadi ayengaqhamuka noma ingayiphi indlela kodwa into ezokuzwisa ubuhlungu.

Mhlawumbe yingakho sekufiwa kangaka nje manje ngoba amasiko ethu asisawalandeli ayenziwa kuqala. Njengakho ukuhambela imizi emibili ngelanga elilodwa abantu kufanele baziswe ngalokhu nobungozi bakho.

English Summary
When there is death in a community it is a custom for the neighbours to visit the bereaved family and offer condolences. This practice is done until the funeral takes place and the neighbours especially women will sleep over to show their respects.

In this article we look at what happens if there are two families that have lost their loved ones, how do community members offer their respect. In this regard people are not allowed to visit both families in one day. It is said that if you do this you are attracting bad luck to your family. The individual that went to visit the bereaved family should rotate days in going to both families.

BY: Nqobile Mdabe
Source: Makhosazane Mdabe

Leave a Comment